Abafundi kwaShembe benze ezibukwayo koweziqu

Celani Sikhakhane

Abafundi basenyuvesi yase-Zululand abakhonza ebandleni i-Nazareth Baptist Church kwaShembe bashukumise inkundla emcimbini wokuthweswa kweziqu ngoLwesithathu ngomdanso wabo wesintu kanye nengoma.

Ngesikhathi izihambeli zisalinde ukungena ehholo lokuthweswa iziqu, umsindo wezigubhu nezinye izinsimbi zomculo wakwaShembe ubuzwakala uqhamuka phezulu esangweni elikhulu.

Wonke umuntu uye waphenduka wabuka iqembu. Laba bafundi becula beshaya nemidanso yesonto ngesikhathi bebheke e-King Bhekuzulu Hall kwaDlangezwa.

Abanye abafundi bebephethe amahawu nezinduku bedansa begqoke amajazi abo eziqu.

Izihambeli nabafundi kudingeke ukuthi bakhohlwe okwesikhashana ngokuthweswa kweziqu njengoba bebebuka abafundi bakwaShembe abebecula. Abanye abazali babonakale begxuma, belilizela injabulo.

Abafundi abebeyingxenye yalo mcimbi bafike nabangani babo nabanye abakhonza nabo ukuze bezobungaza nabo.

Owayengumfundi uSanele Ngema utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umbuthano uhlelwe ngabafundi ukuze baseke abanye ngesikhathi somcimbi wokuthweswa kweziqu.

“Sinamathempeli abafundi abangaphakathi esikhungweni futhi kulula ukuthi umuntu ngamunye nabangani bakhe bahlele imigubho efana nalena. Ngakho-ke lona bekuwumgubho ohlelwe ngabafundi abangamalungu ebandla ukuzokweseka ozakwabo abafundayo abakhonza nabo enkonzweni,” kusho uNgema.

Imicimbi yokuthweswa kweziqu iqale ngoMsombuluko, okungowokuqala kwengu-10 ezosingatha abafundi abangaphezu kwabangu-3 900 abazothweswa iziqu kulo nyaka.

NgoMsombuluko lesi sikhungo sithwese  umakadebona ongumbhali wemidlalo yeshashalazi nophinde abe ngumdidiyeli wamafilimu uDuma Ndlovu ngeziqu se-PhD kwi-Creative Arts.

UNdlovu ukhuthaze abafundi ukuthi bawagcine njalo amasiko abo.

Uphinde watshela asebephothule izifundo zabo ukuthi sesiphelile isikhathi sabo sokuthola iziqu zokuqashwa kodwa kumele bacabange ukwenza okunye.

“Izwe lethu lidinga imiqondo yabantu abasha abazoguqula isimo sezwe esikhona manje,” usho kanje.

“Kuyacaca ukuthi amaqhinga asetshenziswa eminyakeni edlule ukufukula umnotho nokudala amathuba omsebenzi awasebenzi. Izibalo zabangasebenzi zilokhu zikhuphuka.

“Impela sekuyisikhathi sokuqala ingxoxo yokuthi singaziguqula kanjani izinto.”