Lubhalwe nguSbongile Nonyana
I-MK Youth League izimisele ngokulawula umkhandlu omele abafundi (i-SRC) e-Tshwane University of Technology (TUT) bese ikhipha i-EFF Student Command (EFFSC) emandleni.
Kuleli sonto i-MK Youth League itshele abafundi ukuthi i-EFFSC ibaphoxile abafundi abahlwempu, sekuyisikhathi sokuthi kube noshintsho.
I-MK Youth League yabelane ngezithembiso zayo zokhetho ekhempasini yase-Soshanguve ngasekuqaleni kwaleli sonto.
Abaholi babafundi abangaphansi kwale nhlangano bathe bayaziqonda izinkinga zabafundi futhi banohlelo olucacile lokuzilungisa.
Baphinde basola inhlangano yabafundi edlelana ne-ANC, i-Sasco, ngokusebenzisa budedengu imali ye-Motsepe Foundation obekumele isize abafundi.
Njengoba ukhetho lwe-SRC luhlelelwe ukuba kusukela mhla zintathu kuya kumhla zinhlanu kuMandulo, isimo sishubile e-TUT njengoba amaqembu ahlukene ezama ukuzuza ukwesekwa abafundi.
I-EFFSC, ehola iSRC ithembise ukuqhubeka nokusebenzela kanzima abafundi uma iphinda iqokwa.
Bagxeke i-Sasco ngokungabasizi abafundi phambilini.
Uphiko lwentsha lwe-MK lwenze okukhulu ukuhlabelela ngokweseka owayengumengameli uJacob Zuma, ongumholi we-MK, lwatshela abafundi ukuthi banazo izimpendulo ezinkingeni zabo.
I-Democratic Alliance Student Organisation (DASO), osekuphele iminyaka emibili ingabambi iqhaza okhethweni, imemezele ukubuya kwayo, ithembisa ukusebenza ngokwethembeka nokuxazulula izinkinga zabafundi.
Uma iqokwa kabusha i-Student Christian Organisation (SCO), yethembisa ukuthi izoqhubeka nokweseka abafundi, kanti i-South African Democratic Student Movement (Sadesmo) esanda kuthola isihlalo eminyakeni emibili, ifunge yagomela ukuthi izolwa nenkohlakalo futhi iqinisekise ukuphathwa ngendlela efanele kubo bonke abafundi.
Okhethweni lwangonyaka odlule, i-EFFSC yathola izihlalo ezine, i-Sasco ezintathu, i-Sadesmo esisodwa kanye ne-SCO esisodwa.
Esithombeni esingenhla: Umkhankaso wokhetho e-TUT.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
