Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Abafundi bashise amabhilidi ngemuva kokuthi abaphathi bememezele izinhlelo zokuqoka umkhandlu wabafundi wesikhashana, baphinde bafune iPhini likaShansela uSakhela Buhlungu ehle esikhundleni.
Inyuvesi ithi lolu dlame luhlobene nezenzo zobugebengu, abafundi bathi bafuna abaholi bakahulumeni balalele izinkinga zabo.
Inyuvesi yaseFort Hare ivale wonke amakhempasi ayo ngemuva kokuthi imibhikisho yabafundi iphenduke udlame kwashiswa namabhilidi amaningi ngoLwesithathu ebusuku.
Ekhempasini yase-Alice, indawo ye-administration kanye nehhovisi elibhekelela izinkinga zabafundi zingqongqiswe ngomlilo. E-East London kuphinde kwashiswa ingxenye yebhilidi loMnyango wezeMfundo.
Umbhikisho uqale ngemuva kokuthi abaphathi bememezele ukuthi bazoqoka isigungu esimele abafundi besikhashana (SRC) ngesikhathi kushintshwa imithetho yobuholi babafundi.
Kodwa abafundi bathi intukuthelo yabo ijulile. Bafuna kusule esikhundleni iPhini likaShansela uMnuz Sakhela Buhlungu, bathi uhlulekile ukubhekana nenkohlakalo nokungaphathi kahle enyuvesi.
Esitatimendeni uBuhlungu uthe inyuvesi idumele ngodlame. “Izenzo zabafundi abambalwa zibeke ukuphepha kwawo wonke umphakathi wasenyuvesi engcupheni,” esho. “Ukucekelwa phansi kwempahla kukhombisa ukuthi sibhekene nemibhikisho engaphezu kwemibhikisho yabafundi kunezimpawu zezenzo zobugebengu obuhleliwe.”
Inyuvesi ithole incwadi yenkantolo enkulu yase-Eastern Cape, eBhisho, evimba abafundi ukuba babe nemibuthano engekho emthethweni ophikweni lwase-Alice nase-East London.
Kodwa lokho akuzange kuyimise imibhikisho.
IPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela, uthe ucele inyuvesi ukuthi yenze uhlelo lokudambisa isimo nokugcina abantu bephephile.
Abaphathi bathi akukho okunye ababengakwenza ngaphandle kokuthi bathathe izinyathelo ezinqala bese beyalela bonke abafundi ukuthi baphume ngo-5 ntambama ngoLwesine.
Umholi wabafundi ocele ukungadalulwa uthe, “Sifuna UNgqongqoshe eze eFort Hare azosilalela, abaphathi abanandaba.
Sizoqhubeka sibhikishe baze balalele.”
Esithombeni esingenhla: Indawo yokungena eNyuvesi yaseFort Hare e-Alice.
Umthombo wesithombe: Facebook
