Abafundi basokwe ngaphandle kwemvume yabazali

Lubhalwe nguLungani Zungu

Ngesikhathi abafundi bamabanga aphansi eMlazi eningizimu yeTheku bebuyela emakhaya ngeledlule, abazali babo baye bamangala ngesikhathi bethola ukuthi amadodana abo asokiwe ngaphandle kwemvume yabo.

Omunye wabafundi ofunda ibanga lesikhombisa esikoleni samabanga aphansi Inkongozelo ulaliswe esibhedlela ngemuva kokusokwa.

Izingane ezisokiwe zonke zineminyaka ephakathi kweyishumi kuya kwengu-12 ubudala, iminyaka okungavumelekile ngayo ukusoka abafanyana ngaphandle kwesizathu esisemthethweni sezokwelapha noma sezenkolo.

UThandeka ongumama wengane elaliswe esibhedlela ngoMgqibelo – utshele i-Scrolla.Africa ukuthi isilonda esisenganeni (12) asikhombisi ukuphola maduze.

“Ngithukuthele ngoba akekho ositshelile ukuthi izingane zethu zizosokwa. Ingane yami ayiphilile esibhedlela futhi akekho uthisha okhombisa ukukhathazeka,” esho.

Okwamanje ulashwa esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, eMlazi.

Lo mfundi wophe kakhulu ngemuva kokusokwa ngeledlule.

Unina uthe umfanyana akakwazi ukuhamba kahle.

“Ngesikhathi sibona ukuthi akabi ngcono siye esibhedlela lapho afike walaliswa khona,” kusho uThandeka.

Isimo sakhe sibucayi kangangokuthi selokhu angena esibhedlela kusukela ngoMgqibelo.

Ubephuma igazi kusukela ngosuku asokwa ngalo ngesonto eledlule.

Abanye abafundi bayazabalaza ukuhamba, ngokusho kwabanye abazali – asebefuna kube khona abaxoshwayo esikoleni.

“Ingane yami isezinhlungwini ngenxa yobudedengu bothisha abanqume ukusoka izingane zethu ngaphandle kwemvume yethu njengabazali,” kusho umzali ongathandanga ukudalulwa igama.

I-Scrolla.Africa sikhulume nabanye abazali abathi abazange bavume ukuthi izingane zabo zisokwe.

Lezi zingane zisokwe emtholampilo eMbilo ngasenkabeni yeTheku ngokusho kwabazali.

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthe uzoluphenya lolu daba.

Izihloko zakamuva