Lubhalwe nguSbongile Nonyana
Imikhankaso yezepolitiki nezinye izinhlangano ezingenele ukhetho loMkhandlu Omele Abafundi (i-SRC) emakhampasini ayisithupha e-Tshwane University of Technology iyashuba njengoba izinsuku zokuvota zisondela.
Ukhetho lwango-2024-25 luzobanjwa ku-inthanethi kusukela mhla zintathu kuya mhla zinhlanu kuMandulo kulo nyaka.
Intshisekelo yabafundi okhethweni iphezulu kulandela imiphumela emangazayo yokhetho lukazwelonke lwangomhlaka-29 kuNhlaba njengoba izinhlangano zilungiselela ukukhetha abantu abazozimela.
Okhethweni lwango-2022-23, i-South African Students Congress (Sasco) engaphansi kwe-ANC yawina wonke amakhampasi ayisithupha, kodwa nyakenye i-EFF Student Command (EFFSC) yawina amahlanu kuwo.
I-SRC ekhona njengamanje enezihlalo eziyisishiyagalolunye ihlanganisa i-EFF Student Command (4), i-Sasco (3), i-South African Democratic Student Movement (Sadesmo) (1) engaphansi kwe-IFP kanye ne-Students’ Christian Organisation (1).
Ezinye izinhlangano ezingenele ukhetho lwalo nyaka kubalwa i-ANC Youth League, i-Democratic Alliance Student Organisation, uMkhonto weSizwe Youth League, First Year Council, Rise Mzansi kanye nezinye eziyisishiyagalombili.
URefiloe Mthethwa we-Sasco oyiPhini likaNobhala we-SRC, uthe: “Ukhetho ezikhungweni zemfundo ephakeme luyasicija siyintsha ukuthi sivote kanjani.
“Kuyinqubo ethokozisayo futhi izinhlaka zizosebenzisa amasu ahlukene ukuzuza izinhliziyo zabafundi.”
UMengameli we-SRC u-Emanuel Makhurupetji we-EFFSC uthe “Njengomholi, kuphakathi kokuthi uphenduka unodoli wabaphathi noma ungabi nalutho. Kunzima ukuhola uma abanye abantu befundiswa ukukuzonda.”
UMakhurupetji uthe i-Sasco “izozama ngazo zonke izindlela ukubuyisa amandla njengoba ithwale kanzima kulo nyaka, futhi abasebenzi bazosebenzisa izinsiza zabo ukuzama ukuqinisekisa ukuthi i-Sasco ibuyelwa amandla.”
Kodwa-ke, akacabangi ukuthi i-Sasco izowina ngendlela egculisayo nokuthi imiphumela yokhetho lwe-SRC uzoba nomfelandawonye.
Esithombeni esingenhla: I-Tshwane University of Technology.
Umthombo wesithombe: Tshwane University of Technology