Abafundi basenyuvesi baqhakambisa amasiko abo ngemidanso yesintu

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

Iqembu lezamasiko Ingoboco libe nengoma mhla ziyisishiyagalombili kuNcwaba ukwamukela abafundi kwi-semester yesibili e-Tshwane University of Technology.

Leli qembu libonisa imidanso yesintu yesiZulu njalo ngekota, kanti abafundi base-Ga-Rankuwa, ePitoli, nase-Soshanguve yibona ababamba iqhaza.

Amaqembu ahlukene abadansi bendabuko ayahlangana ukuze abonise amakhono abo, futhi umcimbi usiza abafundi ukuthi bagxile ezimpandeni zabo uma bekude nasekhaya noma besathathe ikhefu ezifundweni zabo.

UDanisa Makhubela, owenza unyaka wesithathu ku-public finance e-Ga-Rankuwa, uthe useneminyaka emibili ehambela imicimbi yeNgoboco, kanti isipiliyoni sihlezi simangalisa. 

“Odade nobhuti bemizi ehlukene bayahlangana ukuze bamukele uthando abanalo ngesiko labo,” kusho yena.

“Ukubezwa becula nokubabuka bedansa ngokuziqhenya yikho okuchaza ukuba ngumu-Afrika. Kuhlanganisa abantu bamasiko ahlukene. Kungijabulisa kakhulu ngoba sengaze ngafunda nezingoma eziningi zesiZulu.”

UQiniso Msweli ongumholi weqembu lezamasiko Ingoboco owenza izifundo ze-diploma in accounting uthe inhloso yokuqala leli qembu ukuhlanganisa abafundi ukuze bacobelelane ngamasiko abo enyuvesi.

“Siyawamukela amasiko ethu, silwa nokucwasa ngokwezizwe ngoba sivumela wonke amasiko,” kusho uMsweli.

Esithombeni esingenhla: Abafundi base-TUT baveza amasiko abo ngemidanso yesintu.

Umthombo wesithombe: Sibongile Nonyana

Izihloko zakamuva