Abafundi baseKZN babhuqwa inkemane kushintshwa ithenda yokudla ezikoleni

Lubhalwe nguMlungisi Gumede

Uhlelo lokuphakela izingane ezikoleni zaKwaZulu-Natal lubhekene nezinkinga. UMnyango wezeMfundo esifundazweni uguqule imigomo yethenda manje ukudla akwanele.

Kuthiwa izikole eziningi ziphuma ngo-11 ekuseni selokhu kuqale ikota yesibili ngoLwesithathu ngenxa yokushoda kokudla okumele kunikezwe abafundi.

Ngokwethenda entsha ye-National School Nutrition Programme kuqokwe osonkontileka oyedwa omkhulu ozohlinzeka ngokudla kuzo zonke izikole zesifundazwe.

Ngesikhathi sethenda edlule umnyango ubuqoka usonkontileka oyedwa esikoleni ngasinye. Kodwa manje bonke labo sonkontileka sebesebenza ngaphansi kukosonkontileka oyedwa omkhulu.

Okubi kakhulu ukuthi osonkontileka abancane sebephoqeleka ukuthi bathenge ukudla esitolo esisodwa saseMgungundlovu esijutshwe ukuthi sihlinzeke bonke osonkontileka kuso sonke isifundazwe.

I-Scrolla.Africa sinezincwadi ezivela ezikoleni eziningana eziqinisekisa ukuthi ukufundisa nokufunda kuthinteke kangakanani. Lezi zincwadi eziputshuziwe zazisa abazali ukuthi izikole kumele zisheshe ziphume ngenxa yokushoda kokudla.

Lezi zinguquko ziyinkinga enkulu njengoba abafundi abaningi bencike ohlelweni lokudla.

Osonkontileka abancane bavuke umbhejazane ngesinqumo somnyango sokumisa lolu hlelo.

Omunye usonkontileka okhulume ne-Scrolla.Africa kodwa ocele ukungadalulwa usola ukuthi inkohlakalo yiyona eyimbangela yalesi sinqumo.

“Abantu abafike nalesi sinqumo bafuna ukulawula lolu hlelo ukuze bazame ukuhlomula ngalo,” esho.

Uthe lokhu ngeke kusebenze futhi kumele umnyango ubuyekeze isinqumo sawo.

I-Sanco Youth Congress KwaZulu-Natal izwakalise ukukhathazeka ngesinqumo somnyango sokushintsha uhlelo.

Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesithathu, inhloko yezokuxhumana kwi-Sanco Youth Congress KwaZulu-Natal u-Elton Ngcobo uthe bakhathazekile ngokuthi abafundi abasakutholi ukudla ngenxa yohlelo olusha lokukhishwa kwethenda.

“Sibikeliwe ukuthi izingane azikutholi ukudla ezikoleni eziningi selokhu kuqale le kota futhi lokhu kuphazamisa ukufunda nokufundisa. Ngaphezu kwakho konke iningi lezingane liphuma emiphakathini entulayo lapho okunezinga eziphezulu zabantu abangasebenzi. Abazali babo abakwazi ukubahlinzeka ngokudla kwasemini,” kusho uNgcobo.

UNgcobo uthe uhlelo olusha lokukhishwa kwamathenda luzoba nomthelela omubi kosomabhizinisi abamnyama abebehlomula ohlelweni lwaphambilini.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi uthe bayazi ukuthi kunezikole ezingakutholanga ukudla ngesikhathi kuvulwa kwezikole ngoLwesithathu, wengeza ngokuthi uMnyango usebenza ubusuku nemini ukuzama ukuxazulula lolu daba.

Esithombeni esingenhla: U-10 kg werayisi, usawoti kanye nephasela okuthunyelwe kwesinye sezikole zaKwaZulu-Natal njengengxenye yohlelo lokudla.

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva