Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Izinkulungwane zabafundi base-Eastern Cape azikalubhadi emagumbini okufundela ngenxa yokuthi amatekisi athutha abafundi ahlulekile ukufika.
Njengoba uMnyango wezokuThutha e-EC ubala izinkontileka eziphelelwa yisikhathi nokwehluleka ukuqoka ama-opharetha amasha, abafundi abaningi esifundazweni balinda ize emigwaqeni njengoba ezokuthutha zingekho.
Abanye abafundi sebekhethe ukubhala amabhodi bacela ukugitsheliswa ukuze baye esikoleni. Abaningi bancamela ukungayi esikoleni kanti abanye bahamba amabanga amade.
Abafundi basedolobheni elincane elingasolwandle i-St Francis Bay, abafunda esikoleni esingumakhelwane i-Humansdorp baqala uhambo lwabo lwamakhilomitha angu-21 ngehora lesithupha ekuseni ukuya esikoleni.
Laba bafundi bathi ngemuva kokusala dengwane ngesonto eledlule bathathe isinqumo esiyingozi sokuya esikoleni ngezinyawo njengoba bebejwayele ukwenza kudala.
“Sifuna ukufika ngesikhathi esikoleni. Akukho esingakwenza ngaphandle kokuthi siqale uhambo lwethu ngehora lesithupha ekuseni. Asifuni ukusala ngemuva emsebenzini wethu wesikole,” kusho uMaurizio Daniels, ofunda umatikuletsheni e-Humansdorp Secondary School.
Khonamanjalo, eNelson Mandela Bay, ihhovisi lezemfundo esifundeni libe nomhlangano womphakathi elokishini lase-Kuyga ngoLwesibili lapho likhulume khona nabazali abakhathazekile.
Izikhulu zemfundo zitshele umphakathi ukuthi zanikeza uMnyango wezokuThutha amagama abafundi nezikole zabo kusenesikhathi.
UThozamile Qushani, oyilungu lesigungu esilawula isikole i-Rocklands Secondary, uthe bangu-384 abafundi bamabanga aphezulu abavaleleke emakhaya.
“Sinesikole esisodwa samabanga aphansi kuleli lokishi ngakho-ke, izingane eziningi ziyiswa kwezinye izikole eziyisithupha zamabanga aphansi emalokishini angomakhelwane.
“Sebebonke sinabafundi abangu-750 [okuhlanganisa nabafundi basesikoleni samabanga aphezulu abangu-384] abasahleli emakhaya, balinde uMnyango wezokuThutha [wesifundazwe] ukuze uthole isixazululo,” kusho uQushani.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha, u-Unathi Binqose, uthe uMnyango uhlangabezane nokubambezeleka obekungalindelekile ekuqokweni kwabashayeli abasha njengoba izinkontileka zangonyaka odlule bese ziphelelwe yisikhathi.
“Lokhu kuhlanganisa nokwengeza imizila emisha kanjalo nezikole ezintsha ohlelweni. Kodwa-ke, sisebenza kanzima ukuhlinzeka ngesixazululo esisheshayo kule nkinga,” kusho uBinqose.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Malibongwe Mtima, uthe izikole zizokwenza izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi abafundi abathintekayo ngenxa yokubambezeleka kwezokuthutha abasali emuva ezifundweni zabo.
Esithombeni esingenhla: Abafundi base-Eastern Cape abalinde ezokuthutha
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe