Abafundi basale dengwane njengoba iTUT Trust Fund ikhipha uhlu lwabafake izicelo

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

  • Bayishumi kuphela abafundi kwabangu-50 abagunyazwe ukungena kwi-TUT Trust Fund, okushiye abaningi bengenalo uxhaso lwezimali nokuqubule izinsolo zokuchema.

  • Abafundi abakhungathekile bafuna konke kuphumele obala njengoba abanye bethi abafakwanga ohlwini, kanti abanye kuthiwa bathole uxhaso yize bengafakanga izicelo ngokufanele.

Isikhwama se-Tshwane University of Technology (TUT) Trust Fund sikhiphe uhlu lwabafundi abagunyaziwe ukuthola uxhaso, nokushiye abafundi abaningi bedidekile.

Kubafundi abangu-50 abafake izicelo, cishe bayishumi kuphela abathole uxhaso, nokuyinto equbule izinsolo zokuchema.

Lolu hlu, olukhishwe ngoLwesihlanu, ngomhlaka-14 kuNhlolanja, ludale ukudideka nokukhungatheka phakathi kwabafundi abebenethemba lokuthola usizo lwezezimali.

Abafundi abaphelelwe ithemba abaphuthume ehhovisi lakwa-Financial Aid e-South Campus e-Soshanguve ukuyoqinisekisa isimo sabo sokubhalisa baphoxekile ngesikhathi bethola ukuthi abekho ohlwini.

Omunye umfundi ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe uthe uphatheke kabi njengoba engazange aphume ohlwini.

Lokhu kwenzeke naphezu kokuhambisa wonke amaphepha adingekayo ngaphambi komnqamulajuqu wangomhla ziyisikhombisa kuNhlolanja.

“Ngikhulume nomunye umfundi wangitshela ukuthi ufake inombolo yakhe yomfundi kuphela kodwa igama lakhe belisohlwini, usebhalisile,” usho kanje.

“Ngikhokhe u-R5 000 ukuze ngibhalise ngemuva kokuxoxisana nabo ukuthi bangehlisele isuka ku-R10 000 njengoba ngikweleta imali engaphezu kuka-R100 000.”

Uthe inkohlakalo idlangile enyuvesi. “Iziphathimandla zibuswa umona futhi zicabanga amaphakathe azo kuphela.”

Uqhube wathi abafundi abaningi abebethembele kwi-Trust Fund ngeke bakwazi ukufunda kulo nyaka.

Inyuvesi kayikaphenduli ngalezi zinsolo, kodwa abafundi bafuna ukuthi yonke into ibekwe obala.

Njengoba umnqamulajuqu wokubhalisa usondela ngokushesha, abafundi abaningi namanje abazi ukuthi bazokwazi yini ukuqhubeka nezifundo zabo.

Esithombeni esingenhla: Abafundi base-Tshwane University of Technology bemi emgqeni.

Umthombo wesithombe: Sibongile Nonyana

Izihloko zakamuva