Abafundi balwela ukuvulwa kwesikole esakhiwayo 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Bangaphezu kuka-1 000 abafundi abafake imifaniswano yesikole bagcwala emagcekeni esikole samabanga aphansi Enkululekweni ngoLwesithathu becela ukuthi bavunyelwe ukuya esikoleni.

Abafundi base-NU12 elokishini lase-Gqeberha e-Motherwell abakangeni emakilasini ngoba isikole sisakhiwa.

Umzali uNowezile Tyali uthe bafuna izingane zisebenzise lezo zakhiwo eseziqediwe. Banethemba lokuthi ukuba khona kwezingane kuzofaka ingcindezi enkampanini yokwakha kanye naseMnyangweni.

Ukwakhiwa kwesikole samabanga aphansi kwaqala ngo-2021 ukuze kufundiswe kuso abafundi base-NU12.

Abazali babafundi balwela ukuthi kwakhiwe isikole endaweni ngoba babedonsa kanzima ukufaka izingane zabo ezikoleni eziseduze.

Ngokusho kwabazali izikole ezingomakhelwane zakhala ngesibalo esikhulu sezingane zase-NU12 eziphuthelwa amakilasi ngoba amabhasi ayengakwazi ukuzithwala zonke.

Kwakudingeka ukuthi abafundi bahambe ibanga elingaphezu kwamakhilomitha amahlanu ukuya ezikoleni zase-NU7 nase-NU12.

Abazali batshelwa ukuthi isikole esisha sizobe sesilungile ekuqaleni kuka-2023 kodwa ngoLwesibili othisha bavalelwe emhlanganweni ngesikhathi ithimba labakhi liqhubeka nokusebenza.

Bangaphezu kuka-1 100 abafundi okulindeleke ukuthi bafunde esikoleni samabanga aphansi Enkululekweni uma isikole sesivula iminyango yaso.

I-Scrolla.Africa sinikwe inkombandlela yokuya esikoleni ngabafana ababili abebedayisa izithelo ngesikhathi besalinde ukuvulwa kwesikole.

UGogo uNancy Bam uthe ukhathazekile ngokuthi abazukulu bakhe abathathu bazosalela emuva.

“Abazukulu bami bebefunda esikoleni samabanga aphansi Imbasa e-NU12 futhi babephoqeleka ukuthi bahambe ngezinyawo uma beya esikoleni. Lokhu kwakungikhathaza ngoba kwesinye isikhathi babebanjwa inkunzi kodwa manje abanaso isikole abangaya kuso,” esho.

Isakhamuzi esihlala eduze nalesi sikole uNksz Nosipho Minyo uthe ukwakhiwa kwesikole kwamiswa ngoMfumfu kanti abasebenzi basanda kubuyela emsebenzini emasontweni amabili edlule.

Ikhansela lewadi uLunga Minyayo uthe kwaba nokubambezeleka kokufakwa kwezinsiza zamanzi nokuphothulwa kwamaphepha okukhishwa kwesitifiketi esizonikezwa isikole.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnu Malibongwe Mtima uthe lesi sikole besingekho kwisabelomali sanyakenye kodwa uMnyango wazinikela ngaphansi kwengcindezi evela emphakathini.

“Njengoba isikole singazange sibe nesabelomali kwadingeka ukuthi uMnyango ufune imali esele ohlelweni lwangaphambilini,” esho.

UMtima uveze ukuthi uMnyango uhlela ukuthi isikole sivulwe esontweni lokuqala likaNhlolanja.

Inkampani ephethe ezokwakha inqabile ukuphawula ngalolu daba.

Esithombeni esingenhla: Izingane ezingaphandle kwesikole samabanga aphansi Enkululekweni

Umthombo wesithombe: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva