Linda Ximba
Abafundi besibhakela ababili bakuleli abagqamile bayazethemba ukuthi bazoliphakamisela phezulu ifulegi lakuleli emqhudelwaneni we-International University Sports Federation (i-FISU) ne-University World Cup Combat Sports Competition.
USiza Ngiba noSicelo Mkhwanazi base-Istanbul e-Turkey okuyilapho okuzoqhubeka khona umqhudelwano we-FISU.
Abantu bakuleli abakhethiwe bazobe beqhudelana nompetha abahamba phambili emhlabeni wonke, futhi babambe iqhaza emikhakheni ehlukene yezemidlalo efana ne-karate, i-sambo, i-wrestling, i-muaythai ne-wushu.
Bobabili baneminyaka engu-21, uNgiba noMkhwanazi bangabafundi baseNyuvesi yaseThekwini e-DUT.
UNgiba waseNanda enyakatho yeTheku olwela u-57kg uthe: “Siqokwe kulandela ukwenza kahle ku-University Sports South Africa (i-USSA) Championships eKapa ekuqaleni konyaka.
“Sisebenze kanzima ekuziqeqesheni ukuqinisekisa ukuthi siwulungele umgwaqo onzima osasilindile.”
UNgiba uthe ubukela ku-Errol Spence Jr waseMelika osengumpetha womhlaba ku-united welterweight osephethe isicoco se-IBF, i-WBC ne-WBA Super welterweight.
UMkhwanazi ongowokuzalwa oLundi okhankasa esigabeni sika-71kg ujabulela leli thuba.
“Leli ithuba elikhulu kwabaningi bethu esizobe silwela phesheya okokuqala ngqa. Sikholelwa emakhonweni ethu. Sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuthi sigqame kuleso sigaba samazwe ngamazwe,” kusho uMkhwanazi.
Umqeqeshi wabo uSifiso Ngiba ubonge abashayisibhakela abakhokhelwayo nabaqeqeshi ngokubanika ukuzilolonga abebekufuna kakhulu ngaphambi kohambo.
“Abanye balaba bashayisibhakela bazimisele ngokuba ingxenye ye-Team SA uma izoqhudelana kweyokuhlungela eyama-olimpiki. Ikusasa liqhakazile lapha,” kusho umqeqeshi.