Abafundi bakuleli basavaleleke e-Ukraine

Moyahabo Mabeba

Babalelwa ku-40 abafundi baseNingizimu Afrika abenza izifundo zodokotela abasavaleleke edolobheni i-Sumy enyakatho nempumalanga ye-Ukraine nase-Budapest e-Hungary njengoba impi ye-Russia ne-Ukraine iqhubeka.

Usizi lwabafundi baseNingizimu Afrika luqinisekiswe yi-South Africa Safe Corridors, okuyinhlangano ezimele esungulwe ngemuva kokuthi kuqale impi.

Abantu baseNingizimu Afrika baphakathi kwabafundi abaphuma emazweni angaphandle abangu-1,700 abavaleleke enyakatho nempumalanga ye-Ukraine njengoba imigudu yokusiza abantu ihluleka ukusebenza.

Bebhekene nezinkinga zolimi, abafundi baswele ukudla, amanzi, ama-sanitary pads nemithi kulabo abanezifo ezingalapheki.

UMaud Mahlangu, owenza unyaka wesithathu ezifundweni zobudokotela, ubengomunye walabo ababavaleleke phakathi kwengxabano ngemuva kokuthi uMengameli wase-Russia uVladimir Putin ememezele ukuthi usenqume ukuthatha izinyathelo ezikhethekile zokulwa ne-Ukraine.

Ngemuva kokubaleka endaweni ayehlala kuyo njengomfundi e-Kharkiv ngemuva kokuqhuma kwebhomu lokuqala ngomhlaka-24 kuNhlolanja, uMaud manje uvaleleke esitimeleni esihamba ngaphansi kwe-Ukraine ne-Hungry ngaphandle kokuthola usizo.

Kuzo zonke izinxushunxushu ezibeka impilo yakhe engcupheni kumele aqoqe imali engu-R35,000 yethikithi lendiza esuka e-Budapest Ferenc Liszt idlule e-Istanbul iye e-OR Tambo International.

UMaud uthe lesi simo siyethusa ngoba abanalo uhlelo lokuhlanganisa imali yamathikithi endiza.

Uthe “Sivaleleke ezweni elihlaselwayo. Asiphephile”.

UMandisa Malindisa, ongumfundi waseNingizimu Afrika osinde empini, uthe sebethathe isinqumo sokusungula i-South Africa Safe Corridors ukuze kuqoqwe imali yokuxhasa abafundi abavaleleke e-Ukraine.

“Abafundi bavaleleke kwelinye izwe futhi abanazo izindlela zokuphila. Siyethemba ukuthi sizowenza umehluko lapha ekhaya ukuze bakwazi ukubuya. Abaphephile. Ophikisana nalokhu akazi ukuthi isimo simanzonzo kangakanani”.

UClayson Monyela, okhulumela uMnyango wezokuXhumana kwamaZwe kanye nokuBambisana uphikise uMandisa.

Ebhala ekhasini lakhe ku-Twitter, uMonyela uthe “Abakhungathekile futhi hhayi ukuthi abanazo ezinye izindlela abangenza ngazo. Inxusa u-Andre Groenewald uxhumana nabo bonke labo bafundi futhi ihhovisi lenxusa liyasazisa.”

Izihloko zakamuva