Abafundi bafuna ubulungiswa ngozakwabo odlwengulwe nguthisha

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Abafundi baseSinethemba High School e-Philippi, eKapa babhikishela ubulungiswa nobumbano.

NgoMsombuluko kube nombhikisho ngaphandle kwamagceke esikole, abafundi bezwakalisa intukuthelo nokudinwa kwabo ngothisha osolwa ngokudlwengula kanye nothishanhloko abamsola ngokumvikela.

Umbhikisho ususwe ukuvela kokuthi umfundi oneminyaka (21) ophinde abe yilungu lomndeni kammangalelwa, kuthiwa udlwengulwe nguthisha izinsuku ezimbili zilandelana ngoNtulikazi.

Abafundi bathi bathole lesi sigameko sekudlule isikhathi ngoba uthishanhloko ubezama ukuvikela umsolwa wabukela phansi ubucayi bezinsolo.

Umfundi ongathandanga ukudalulwa igama uthe banqume ukubhikisha ukuze uthishanhloko abone ukuthi abayithandi into ayenzayo.

“Sithole ukuthi isizathu sokubambezeleka ukuthi sazi nguthishanhloko wethu obezama ukuvikela umsolwa, ethi uthisha ubengumuntu olungile akasoze ayenza into enje,” kusho umfundi.

Uthisha osolwayo uboshwe mhlaka-17 kuNtulikazi wavela enkantolo ngomhlaka-21 kuNtulikazi. Ugcinwe esitokisini kanti uzophinde avele enkantolo ngomhlaka-4 kuNcwaba.

Abafundi bafuna ukwesekwa emphakathini njengoba bebhikishe emigwaqeni yase-Filipi befuna ubulungiswa.

Lo mfundi uthe bazimisele ngokwenza isiqiniseko sokuthi uthisha uhlezi esitokisini futhi akavumelekile ukubuyela esikoleni. Bahlela ukuhlangana ngaphandle kwenkantolo uma uthisha ephinde evela ukuze bakhombise ukweseka isisulu.

Yize abafundi bezwakalisa ukukhathazeka kwabo ngokungena enkingeni nabaphathi besikole ngokulova uma bevela enkantolo, amalungu omphakathi akhombise ubumbano nabafundi nokulwela ukwenza ubulungiswa.

UMnyango wezeMfundo e-Western Cape uqhuba uphenyo ngezinsolo ezihlukene ezibekwe lo thisha namacala obugebengu. Ukwesekwa ngokwelulekwa nakho kunikezwe umfundi othintekile kanye nesikole.

Esithombeni esingenhla: Isikole samabanga aphezulu iSinethemba e-Philippi, eKapa

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva