Abafundi bafuna ubulungiswa ngomfundi obulewe 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Ukubulawa kukaPalesa Malatji kushiye umndeni wakhe ukhungathekile futhi nomphakathi ugcwele ukuthukuthela.

Abafundi abebediniwe bangene emigwaqeni yaseSoshanguve bamashela esiteshini samaphoyisa e-Rietgat befuna kwenziwe ubulungiswa ngecala lokudlwengula nokubulawa komfundi kamatikuletsheni oneminyaka engu-17 esikoleni samabanga aphezulu eNtsako. 

Isidumbu sikaPalesa sitholakale ngoLwesihlanu olwedlule.

UThabiso Malatji ongumalume kaPalesa, uthe ukholwa ukuthi ukubulawa kwakhe bekungavinjwa ukube isikole namaphoyisa bathathe izinyathelo ezifanele.

Uthe ngelanga lesigameko isikole sasihlele ukufunda okungeziwe, kodwa ngenxa yomhlangano wezinyunyana othisha basheshe badedelwa kunokujwayelekile abafundi basala bengagadwe muntu. Kungaleso sikhathi lapho uPalesa ahlaselwa khona.

Ekhungathekile ngenxa yokukhathazeka ngemuva kokubona ukuthi uPalesa akekho, uThabiso nabanye abafundi bamfuna yonke indawo baze bayofuna usizo emaphoyiseni bathola impendulo edumazayo.

“Amaphoyisa asitshela ukuthi azikho izimoto ezizosiza ukuba simubheke.”

“Bengibuza wonke umuntu ebengihlangana naye futhi oyedwa wangitshela ngemisindo ayizwe ivela ehlathini atholakale kulo. Ngikholwa ukuthi ukube amaphoyisa athatha isinyathelo ngokushesha, ngabe simthole ephila.”

UMatome Chiloane, uNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng, uvakashele umndeni kaPalesa ukuyokhombisa ukuyokweseka. UChiloane uvumile ukuthi umndeni uphatheke kabi wabe esewuqinisekisa ngosizo lukahulumeni.

“Yize umndeni ungasoli uhulumeni, sinxusa iziphathimandla ukuthi zenze okuthe xaxa ukunqanda ubugebengu. Lezi zigameko zivame ukwenzeka ngaphandle kwesikole okwenza kube nzima ukuthi silawule ngokugcwele,” kusho uChiloane.

Emuva kwalesi sibhicongo, kumiswe ukufunda esikoleni isikhashana njengoba abafundi bebefunga begomela ukuthi bazoqhubeka nokubhikisha kuze kugwetshwe abenzi bobubi.

Umphakathi usalokhu ubumbene ekufuneni izimpendulo futhi ufuna ukuzibambela umthetho ngezandla.

Esithombeni esingenhla: UPalesa Malatji obefunda umatikuletsheni, udlwengulwe kabuhlungu wabulawa eSoshanguve.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva