Celani Sikhakhane
Abafundi besikole sasemakhaya eMpendle eKZN banyakazise umphakathi wakwaNxamalala ngemuva kokuthi bafake iphilisi elibizwa ngokuthi umgwinyo esiphuzweni sikathisha wabo.
Imithombo yendawo ithi abafundi bakhe itulo lokuziphindiselela kuthisha wabo ngoba ubebashaya.
Ngemuva kokuqhabula isiphuzo sakhe uthisha ubonakale egijima esikoleni ehayiza sengathi unenkinga yomqondo.
Kube sekuvela ukuthi ubedakiwe ngemuva kokuba umfana wesikole efake amaphilisi omgwinyo esiphuzweni sakhe.
Umgwinyo usetshenziswa kakhulu ngosomatekisi baseThekwini ngoba ubenza basebenze
kahle ngaphandle kokukhathala.
Ubuye usetshenziswe yilabo abathanda ukuya emicimbini nasezindaweni zokucima ukuma zasebusuku ngoba ubagcina benamandla okuncebeleka ubusuku bonke.
Leli philisi laselokishini laziwa nangokuthi i-ecstasy.
Ngemuva kwalesi sigameko othisha banqume ukubiza abazali, inhlangano elwisana nobugebengu nomkhandlu wakwaZuma oholwa inkosi uSimphiwe Zuma ukuze badingide lolu daba.
UTallman Zuma, oyilungu lomkhandlu wendabuko wakwaZuma, uthe izingane zimisiwe esikoleni.
“Sikhathele yilento ngoba lesi sikole sihlaselwe yizidakamizwa kakhulu,” kusho uZuma.