Abafundi badalula ekathisha othandana nomfundi

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Abafundi base-Queenstown Girls High School e-Komani basole uthisha ngokuthandana nomfundi.

Abafundi baka-Grade 11 nabakamatikuletsheni bathumele incwadi engavezi magama kwi-Congress of South African Students (Cosas), eputshuke ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu.

Incwadi ithi uthishanhloko nabanye othisha bayishaya indiva imibiko ngothisha ojola nomfundi kamatikuletsheni.

“Abafundi bakamatikuletsheni bayazi ukuthi uMnuz ( ogama lakhe lifihliwe), onguthisha omusha we-SGB (isigungu esilawula isikole), uthandana nomfundi kamatikuletsheni (ogama lakhe lifihliwe), futhi wonke umuntu uyazi ngalolu daba, kodwa uma sibikela abanye othisha, bavele basitshele ukuthi akukho abangakwenza ngoba uthisha uyintandokazi kathishanhloko,” kubhala abafundi encwadini.

Abafundi bathi ubudlelwano baziwa kakhulu njengoba uthisha ethengela umfundi izipho aphinde amfundise nokushayela.

Abafundi bayesaba ukubika ngalezi zinhlobo zezindaba.

Abafundi babhale ukuthi: “Siyesaba ukubika izindaba ezikanje kulesi sikole ngoba siphenduka abagilwa ngemva kwalokho.” 

“Uma sihlangene sonke ekuseni njengabafundi (uthishanhloko) uzokhuluma nathi ngendlela embi, futhi abanye othisha bayaphawula uma befundisa ukuthi noma singababika emnyangweni vele awunamsebenzi walutho.”

UMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape uyaphenya.

Okhulumela uMnyango, uMalibongwe Mtima, uthe sebethumele ithimba kulesi sikole futhi lizokweluleka abafundi.

“Uma kwenzeka kutholakala ubufakazi bangempela kulolu phenyo, kuphakanyiswa ukuthi kuzomele kube khona ukumiswa okwesikhashana. Lokhu kuzoqinisekisa nokuthi labo abangase babe abagilwa bayavikeleka,” kusho uMtima.

NgoMfumfu 2023, uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo wamemezela ukuthi usuxoshe othisha abangu-36 ngamacala okudlwengula, ukuhlukumeza ngokocansi nokukhulelisa abafundi ezweni lonke.

NgoMandulo, uthisha we-Creative Arts wase-Tembisa wagwetshwa odilikajele abahlanu ngokudlwengula ephindelela umfundi ka-Grade 7 phakathi kukaMfumfu noLwezi 2019.

Babalelwa ku-120 000 abantu abasha asebebelethe kulo nyaka nje kuphela, amantombazane angu-2 716 aneminyaka engu-10 kuya ku-14 kanye nentsha engu-119 587 eneminyaka engu-15 kuya ku-19 ekhulelwe noma esanda kubeletha.

Isithombe ngenhla: Isango lesikole samabanga aphezulu i-Queenstown Girls e-Komani e-Eastern Cape.

Umthombo: Facebook

Izihloko zakamuva