Abafundi babhekene necala lokufaka abafundi abamnyama endalini njengezigqila

Abafundi abane bamisiwe esikoleni kanti bazobhekana nokulalelwa kwecala ngemuva kokufaka abafundi abamnyama endalini njengezigqila ePinelands High School, eKapa.

Abafundi bamakhaladi bebanga leshumi baqoshwe bedayisa abafundi abamnyama.

“Uphenyo seluzoqedwa, sekuxoxiwe nabafundi abangu-24,” kusho uBronagh Hammond, okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni.

“Abafundi abane bamisiwe esikoleni kanti bazobhekana nokulalelwa kwecala.”

Le vidiyo ebhalwe ukuthi “ubugqila esikoleni”, ikhombisa abafundi “bebhida imali efika ku-R100,000 futhi bethembisa ukuthenga ontanga babo ngeBitcoin.

“Kuzothathelwa izinyathelo nabanye abafundi okungenzeka ukuthi baphule imithetho yesikole,” kwengeza uHammond.

Ukwesekwa kwezeluleko kunikezwe labo abathintekile kulesi sigameko.

IKhomishana Yamalungelo Abantu yaseNingizimu Afrika nayo iyaphenya ngale ndali yokudayisa abafundi abamnyama benziwe izigqila.

UKhomishana uChris Nissen utshele i-SABC: “Kuleli lizwe sinomlando wobugqila … ngakho isigameko sasePinelands asamukelekile futhi sizophenya.”

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: Isikole samabanga aphezulu sasePinelands.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva