Abafundi babeke eceleni ezepolitiki bagubha ndawonye uSuku lwaMagugu

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

Abafundi baseTshwane University of Technology (TUT) bazibeke eceleni izimpi zezepolitiki zakamuva ukuze bagubhe ndawonye uSuku lwaMagugu.

Lokhu kulandela ukushuba kokhetho lwabafundi lapho i-EFF Student Command, edlelana ne-EFF kanye South African Students Congress, ewuphiko lwezitshudeni lwe-ANC, bashiselana amatende.

Ihhovisi le-TUT extracurricular libe nomcimbi wamasiko ophikweni lwaseGa-Rankuwa wokuhlanganisa abafundi.

Abafundi bakhombise amasiko abo, kanti abanye bebegqoke izingubo zakwamanye amasiko ukukhombisa ubunye.

Kulo mcimbi bekunokudla kwesintu, iziphuzo, izingubo zokugqoka nomdanso.

UDanisa Makhubela, owenza izifundo zePublic Finance, ujabulile ngalo mcimbi.

Uthe abafundi bafunde ngamasiko ahlukene aseNingizimu Afrika.

“Noma sikude nasekhaya kodwa sisanikwa ithuba lokuqhakambisa amasiko ethu,” usho kanje.

“Kuyinto ejabulisayo, futhi wonke umuntu uyajabula njengoba besiqhakambisa isiko ngalinye. Lo mcimbi wenzeka minyaka yonke, kodwa kulo nyaka ubuwubukhazikhazi ngempela.”

Esithombeni esingenhla: Imigubho yoSuku lwaMagugu esikhungweni sase-TUT eGa-Rankuwa.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva