Abafundi abasayi esikoleni ngoba kuhoxiswe izinto zokuthutha ezingakhokhelwe

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ukuthuthwa kwabafundi ukuya eGwebityala Senior Secondary e-Elliotdale kwama ngoMbasa kanti iSantaco esifundazweni yaveza ukuthi abashayeli abazange bakhokhelwe.

Babalelwa ku-80 abafundi basesikoleni sase-Eastern Cape okudingeke ukuthi bashiye phansi isikole abanye bayeka ngesikhathi sokuhlolwa kwabo kokuphela kwethemu.

Laba bafundi kumele bahambe amakhilomitha angu-24 ukuya esikoleni, bawele imifula futhi bahambe emahlathini.

Abathinteke kakhulu ngabafundi baGrade 10. Abasafunda kumele bahambe ngamaqembu. Uma befika sekudlule isikhathi bajikiswa esangweni ngokwemithetho yesikole.

Yize kunjalo abanye abafundi basafunda.

Okhulumela iSantaco EC, uZola Yolelo uthe ezokuthutha zimile ngoba uMnyango wezokuThutha esifundazweni awubakhokheli.

“Sake saba nomhlangano mayelana nalokhu ngaphambilini. Kwavunyelwana ngokuthi imali izokhokhwa ngomhlaka-10 njalo ngenyanga. Nokho lokho akukenzeki. Sizonikeza uMnyango wezokuThutha inyanga ukuthi ulungise izinkinga zokukhokha, uma kungenjalo sizoya ezinkantolo noma siyeke ukuthutha abafundi ngokuphelele,” kusho uYolelo.

Okhulumela i-EC Transport u-Unathi Binqose uthe bayazama izindlela zokuqinisekisa ukuthi abafundi bayaya esikoleni.

“Sisebenzisana kakhulu neminye iminyango ukubheka izindawo zokuhlala ezingase zisetshenziswe njengamahostela noma izindawo zokuhlala kulaba bafundi,” kusho uBinqose.

Khonamanjalo uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape uhlela ukuvala izikole ezingu-978 njengengxenye yohlelo lokuhlelela izikole bese kuguqulwe ezinye izikole zibe amahostela abafundi ezindaweni ezikude.

Isithombe esingenhla: Abafundi base-Eastern Cape bewela umfula beya esikoleni.

Umthombo: Facebook

Izihloko zakamuva