Abafundi ababili abazibulele

Everson Luhanga noSibonelo Zwane

USenentla noTiro bakhulele ezindaweni ezahlukene eGoli bebengazani, kodwa into abadlule kuyo iyafana.

Bobabili babeyizisulu zokuxhashazwa nokuhlukunyezwa esikoleni. Bobabili bajikelwe ilabo obekumele babavikele, ngale nyanga bakhetha ukuzibulala.

Ngesikhathi sekuyithuba lakhe lokwethula inkulumo yakhe ekilasini ngoLwesihlanu olwedlule kuthiwa uthisha ubize uTiro Moalusi obeneminyaka engu-15 ngokuthi usisi bhuti,” ngoba nakhu ephumele obala ngokuthi uthanda ubulili obufana nobakhe.

Ikilasi lamabanga aphezulu esikoleni i-PJ Simelane e-Dobsonville livele laphela insini. Ngemuva kwesifundo uTiro uzamile ukubikela abanye othisha ngalolu daba, kodwa abazange balusukumele udaba lwakhe.

Okhulumela umndeni uPalesa Phuthagang uthe ngesikhathi ebuyela ekhaya ngalobo busuku inhliziyo yakhe yayiphukile.

“Ubekhala ngesikhathi etshela ubabekazi wakhe ukuthi uthisha wakhe umphoxile phambi kontanga bakhe futhi ubengaqali.”

“Wacela usizo kwabanye othisha ngethemba lokuthi bazolulungisa lolu daba. Kunalokho akekho owamnaka okuyikhona okumphule inhliziyo kakhulu.”

NgoLwesibili olulandelayo umndeni kaTiro uthole isidumbu sakhe. Udle ushevu wamagundane washonela egumbini lakhe lokulala. 

Ezinsukwini ezingu-11 ngaphambilini ngomhlaka-12 kuNcwaba uSenetlahla Mdeyide obeneminyaka engu-14 obefunda esikoleni samabanga aphezulu e-Pholosho esiqhele ngamakhilomitha angu-30 e-Alexandra wehlelwe isimo esifanayo.

Ngaphambi kokudla ushevu uSenentla wabhala incwadi enamakhasi amabili eya kunina. Kuyona uchaze ukushaywa ngesihluku nokuxhashazwa ngabanye abafundi.

Isizathu sokuxhashazwa asicacile. Unina uSindisiwe Mdeyide uthi ukholelwa ukuthi izingane zaphikisana ngento ebhalwe nguSenentla ku-Facebook, kodwa uyakuphika ukuthi indodakazi yakhe yake yayisebenzisa le nkundla yezokuxhumana.

NjengoTiro uSenentla wazama ukuthola usizo kothisha bakhe, kodwa njengoba kwenzeka kuTiro abazange bamunake.

USindisiwe uthi ezinsukwini ezintathu ngaphambi kokuthi azibulale uSenentla waya kuthisha ukuze athole usizo.

Kodwa-ke wambuza ukuthi “nguwena obhale ku-Facebook? Bekufanele bakuxoshe.”

USindisiwe ukholelwa ukuthi amazwi kathisha iwona awokugcina amuphushele ukuthi athathe lesi sinqumo, ushone ezintatha zangoLwesihlanu.

“Mama ngiyakuthanda futhi ngiyabonga ngokungikhulisa,” ngokufundeka kwengxenye yencwadi yakhe ayibhale ngaphambi kokuzibulala.

Umndeni awunayo imali eyanele yokuthutha isidumbu sakhe siye e-Eastern Cape ukuze singcwatshwe. Umndeni ucela noma umuphi umnikelo ongasiza ekuhambiseni isidumbu sikaSenentla e-Eastern Cape ukuze singcwatshwe.

Khonamanjalo uTiro uzongcwatshwa ngoLwesine.

“UTiro ubengumfana onamancoko, enothando futhi engumuntu othanda ukukhuluma, ngikholwa ukuthi into eyenzeke kuyena imuphule inhliziyo,” kusho uPalesa.

Kodwa emndenini wakhe le nkinga isekude ukuphela. Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Gauteng uSteve Mabona uthe sebeqale uphenyo ngokushona kwakhe.

“Sesiqale uphenyo ngezinsolo ezibhekiswe kuthisha kanti sizothatha izinyathelo ezifanele ngemuva kwalokho.”

Izihloko zakamuva