Elmon Tshikhudo
Abantu base-Zimbabwe basaqhubeka nokungena kulelizwe ngaphezu kwemizamo emikhulu eyenziwe iziphathimandla zaseNingizimu Afrika yokunqanda lokho. Kuminze okungenani abantu bokufika abayishumi nambili kuleli sonto ngesikhathi befuna ukuwela umfula wase-Limpopo ogcwele izingwenya ngesikebhe.
UNgqongqoshe wezaseKhaya uDkt Aaron Motsoaledi ufunge wagomela ukuthi uzoqinisa isandla emzamweni wokunqanda abantu base-Zimbabwe abangena eNingizimu Afrika bengenazo izincwadi ezisemthethweni.
Wenze izivimbamgwaqo emngceleni osedolobheni lase-Musina lapho osekuboshwe khona “abantu base-Zimbabwe abangaphezu kuka-700 abebengenazo izincwadi ezisemthethweni”.
Kodwa ukuzigqaja kwakhe ngezinhlelo zokunqanda abantu base-Zimbabwe akubavimbanga ukuthi beze ngezinkulungwane zabo – nangokuzama ukuwela umfula e-Limpopo.
Ukuwela okungekho emthethweni kuyibhizinisi elinenzuzo enkulu kubafuduki abazimisele ukukhokha inani eliphakeme ukuze baziphilise.
Laba bafuduki bazimisele ngokubeka izimpilo zabo engcupheni yokulinyazwa izilwane zasendle eziyingozi emahlathini.
Kuleli sonto kuphela kukholakala ukuthi bangaphezu kweshumi abantu abaminze ngesikhathi bezama ukuwela lo mfula.
Leli qembu kuthiwa belisebenzisa isikebhe okubikwa ukuthi siduke ngeSonto. NgoLwesithathu amaphoyisa avela e-Zimbabwe naseNingizimu Afrika athole isidumbu esisodwa kuphela kwibanga elingamakhilomitha angamashumi amane ukuya ngasentshonalanga yomngcele i-Beitbridge.
Omunye wabafuduki uLovemore Sibanda (okungasilo igama lakhe langempela) uthe baningi abantu base-Zimbabwe abawelela kuleli ngokungekho emthethweni nsukuzonke. Abaningi bayashona uma bezama ukuwela umfula bezohlala kuleli.
“Siphuma ezweni elimpofu kakhulu elingenawo amathuba.
“Sizwile ukuthi baningi baboshiwe kwizivimbamgwaqo kodwa lokhu akusithenanga amandla.”
Uthe iNingizimu Afrika ithathwa njengendawo engcono yokuziphilisa. “Ngakho-ke akukho okuzosivimba.”