Abafuduki (46) batholakale beshonile elolini

Dylan Bettencourt

Iqeqebana labafuduki okukholakala ukuthi bawele umngcele oseNingizimu yeMelika besuka e-Mexico batholakale beshonile elolini.

Imibiko iveza ukuthi okungenani abantu abaphuma emazweni angaphandle abangu-46 batholakale beshonile ngaphakathi elolini ebelipake eduze nomzila wesitimela e-San Antonio, e-Texas.

“Okwamanje sesicubungule cishe izidumbu ezingu-46 ezihloliwe zaphinde zamakwa okuthiwa zishonile,” kusho isikhulu sezicishamlilo e-San Antonio uCharles Hood etshela izintatheli.

Abantu abangu-16 – abadala abangu-12 nezingane ezine – batholakale besaphila base bethunyiswa esibhedlela ukuze bayohlolwa kabanzi.

“Iziguli esizibonile bezishisa kakhulu, beziphethwe ukushisa, ukukhathala, kungekho zimpawu zokuthi kunamanzi elolini. Bekuyinqola yesiqandisi kodwa ibingekho i-air-conditioner esebenzayo kuyo,” kusho uHood.

Amaphoyisa endawo akuqinisekisile ukuthi kuboshwe abantu abathathu ngemuva kokuthi kutholakale labantu.

Njengoba kutholakale iloli eduze komngcele wase-Mexico, abashonile basazodalulwa.

Isikhulu samaphoyisa e-San Antonio uWilliam McManus uthe iziphathimandla zibikelwe ngalesi sigameko ngezithuba zabo-17:50 ngoLwesibili.

“Umsebenzi osebenza kwelinye lamabhilidi alapha ngemuva kwami uzwe ukukhala nesicelo sosizo,” etshela izintatheli.

“Uphumile wayobheka wathola inqola ebivuleke kancane izicabha, wayivula ukuze abheke, wafica inqwaba yabantu abashonile phakathi.”

URon Nierenberg, imeya yase-San Antonio, uthe abafuduki bashone bewela umngcele ngethemba lokuzothola impilo engcono.

“Lokhu kufana nenhlekelele enyantisayo,” esho.

UMbusi wase-Texas uGreg Abbott, omele ukulawulwa okuqinile kwemingcele, uthe uMengameli waseMelika uJoe Biden nguyena onecala ngokushona kwabantu abaphuma emazweni angaphandle.

“Lokhu kushona kwabantu kungenxa kaBiden. Bakhombisa imiphumela ebulalayo yokwenqaba kwakhe ukusebenzisa umthetho,” ubhale kanje ku-Twitter.

NgoNhlaba, abafuduki abangu-239,000 ababengenazo izincwadi baboshwe bewela bengena eMelika besuka e-Mexico.

Umthombo wesithombe: @TIME

Izihloko zakamuva