Abafanyana ababili bashaywe umbani bebhukuda eLimpopo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Enhlekeleleni edabukisa inhliziyo, umbani udlule nemiphefumulo yabangani ababili abasebasha enkabeni ye-Limpopo nokuyinto eveze isidingo esikhulu sezindawo zokubhukuda eziphephile.

Umphakathi obumbene wasesigodini sase-Magodu owakhe esifundeni sase-Capricorn, e-Limpopo ukhungathekile ngale nhlekelele.

Basola ukungabibikho kwedamu lokubhukuda lomphakathi kanye nezinye izinto zokungcebeleka ngokushona kukaTebogo Mofumadi (12) nomngani wakhe uBoitumelo Tshabalala (13).

Abangani babo abashaywe umbani bacele usizo kwabe sekujutswa ithimba lomphakathi elizobathungatha ngosizo lwamaphoyisa ngaphambi kokuthi izidumbu ezimbili zikhishwe emanzini.

Ngesikhathi sikhuluma ne-Scrolla.Africa, isakhamuzi uMaria Motloung uthe lo mfula uyindawo ethandwa ngabafana abancane abafuna ukufunda ukubhukuda.

“Asinazo izindawo zokubhukuda endaweni ngakho abantu abasha basebenzisa imifudlana nemifula ukubhukuda.

“Sekuphele iminyaka sizama ukubaxwayisa ngalokhu kodwa akukho okuningi esingakwenza njengoba bebhukuda uma besendle beyolusa,” esho.

Esinye isakhamuzi uMnuz Lawrence Mosotho uthe uyathemba ukuthi lesi sigameko sizophusha abaholi bezepolitiki ukuthi basheshise ukuhlinzekwa kwezidingo emphakathini.

“Nathi singabahlali bakuleli futhi sifanelwe izinsiza njengeminye imiphakathi. Ngeke sikwazi ukuqhubeka nokulahlekelwa izingane zethu ezigamekweni ebezingagwemeka,” esho.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo, uColonel Malesela Ledwaba uthe abathathu abasinde esigamekweni sokushaywa umbani baphuthunyiswe esibhedlela kanti basalashwa.

“Kuyaphenywa ngezimo ezithinta lesi sigameko kanti imbangela yokushona kwalaba izotholakala ngemiphumela yokuhlolwa kwezidumbu.”

Leli phoyisa linxuse imiphakathi ukuthi iqaphele kakhulu ngesikhathi sezimvula.

“Sinxusa abazali ukuthi bazinakekele kakhulu izingane zabo futhi bangazivumeli ukuthi zibhukude ngaphandle kokugadwa ngabantu abadala ukuze zingaminzi.

“Siyabazi abantu abaya emifuleni nasemifudlaneni ngenxa yezizathu ezahlukene okuhlanganisa ezomoya noma ezenkolo, siyabanxusa ukuthi baqikelele kakhulu njengoba imifula igcwele futhi ingaba ingozi,” esho.

Inyuvesi yase-Wits ithi akwaziwa ukuthi bangaki abantu bakuleli abashona ngenxa yombani nakuba izibalo ziphakathi kwekhulu no-140 kulo nyaka.

Ucwaningo olwenziwa i-International Journal of Environmental Research and Public Health ngo-2022 lwathola ukuthi elakuleli likleliswe emazweni angu-45 ahamba phambili ngokushona kwabantu abaningi ngenxa yokuminza.

Ucwaningo luthole ukuthi abantu abamnyama bangaphezu kuka-50% abaminzayo kunabantu abamhlophe.

Ababhali balolu cwaningo basole izinga eliphezulu lokuminza nokungabibikho kwemikhankaso yokuqwashisa ngokuphepha kwamanzi okwanele,  imikhankaso yokufundisa kanye nokuntuleka kwezifundo zokubhukuda ezitholakala emiphakathini yabampofu kakhulu.

Esithombeni esingenhla: Umfula

Umthombo wesithombe: Stock

Izihloko zakamuva