Lubhalwe nguKarabo Rammutla
ULethabo noSiyabonga Buthelezi bafisa ukufana nazo zonke izingane ngokuthi baye esikoleni nakuba bephila nesifo se-dyslexia.
Lezi zelamani ezimbili ezineminyaka eyishumi kanye nengu-11 ubudala zase-Extension 4 e-Nellmapius, e-Tshwane azikaze ziye esikoleni.
Bobabili bangama-dwarf futhi kutholakale ukuthi banesifo se-dyslexia.
Ngemuva kweminyaka emine baphuma enkulisa, ugogo kanye nomalume walaba bafana bebebafundisa ekhaya.
Umndeni ulinde umnyango wezemfundo ukuthi ubafake esikoleni esizimele esizokwazi ukuhlangabezana nezidingo zabo.
I-Dyslexia isimo se-neurodevelopmental esithinta kakhulu ukufunda, ukubhala kanye nokupela amagama.
Umalume wezingane uPrettyboy Buthelezi uthe abafana bafakwe ohlwini lwabalindele ukuya esikoleni esizimele.
“UMnyango wezeMfundo wasicela ukuthi sihambise abashana bami kwadokotela bayohlolwa ingqondo sabayisa esibhedlela eDr George Mukhari. Sanikezwa umbiko owathunyelwa eMnyangweni wezeMfundo lapho abafakwa khona ohlwini lwabalindile eminyakeni emine edlule,” esho.
Ugogo wezingane uJacobin Buthelezi uthe abazukulu bakhe bafuna ukuya esikoleni njengezinye izingane futhi sebeqalile ukubuza imibuzo yokuthi kungani bengayi esikoleni njengezinye izingane.
“Kumele bafunde esikoleni esizoqonda izidingo zabo. UMnyango usinikeze indawo esikoleni esifunda izingane ezikhubazeke ngokomqondo, kodwa akusikho lapho abazukulu bami okumele bafunde khona,” esho.
Uthe bebezoyisa izingane esikoleni esijwayelekile, kodwa unina oyi-dwarf wayethwele kanzima esikoleni.
“Indodakazi yami nayo yazabalaza ukuthola isikole esizohlangabezana nezidingo zayo yagcina isishintsha isikole ngenxa yokuhlukunyezwa ngabanye abafundi.
“Abazukulu bami bayakwazi ukufunda njengezingane ezijwayelekile kodwa badinga isikole esibhekelela abafundi abanesifo se-dyslexia,” kusho uButhelezi.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGoli, uMnu Steve Mabona uthe babone isidingo sokufaka abafana esikoleni ngoNhlolanja kulo nyaka.
“Akusilona iqiniso ukuthi lolu daba selidonse iminyaka emine. Abafana bakhethelwa isikole sase-Tshegofatsong kodwa-ke, abazali baba manqika ukuyisa abafana kulesi sikole,” esho.
Uthe esinye isikole abangafunda kuso i-Transvalia njengoba kuyisikole sabafundi abanezidingo ezikhethekile.
Esithombeni esingenhla: UPrettyboy Buthelezi ufundisa abashana bakhe ababili abalindele ukufundiswa esikoleni esizimele.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe