Abafana ababili abayizelamani bahlaselwe umphakathi ngezinsolo zokuthakatha

Celani Sikhakhane

Ngenkathi uZinhle Gowana esemngcwabeni eyongcwaba isihlobo sakhe, amadodana akhe abeshaywa kabuhlungu umphakathi obubasola ngokuthakatha.

La bafana ababili, abaneminyaka eyi-11 neyi-15 ubudala, bahlaselwe besekhaya labo e-Gamalakhe endaweni yase-Enkulu ngomhla zingama-20 kuNcwaba yisixuku somakhelwane babo ngenkathi umama wabo esemngcwabeni wesihlobo sakhe.

Umuzi womndeni ugqekeziwe, kwantshontshwa omakhalekhukhwini babo futhi bashaywa kanzima yiqulu labantu. Balashelwe esibhedlela sendawo futhi badedelwe ngalo lolo suku.

Futhi bekungekhona okokuqala umndeni ubhekana nezinsolo ezinje.

UGowana uthi le mpilo yabo ebuhlungu yaqala ngonyaka wezi-2018 ngenkathi owayengumngani wakhe emsola ngokuthakatha.

“Ngokushesha wabe eseqala ukusabalalisa amahlebezi okuthi mina nabafana bami siyathakatha. Wayefonela abanye omakhelwane njalo ebusuku ebatshele ukuthi sisegcekeni lakhe,” esho.

“Lokhu kudale ukungezwani okukhulu udaba lwaze lwadluliselwa kubaphathi bendabuko. Kwaxoxwa wabe esexolisa ngokungisola ngokuthakatha.”

Yize wakholwa ngaleso sikhathi ukuthi udaba seluxazululiwe, amahemuhemu awazange aphele. Uthi namanje usahlaselwa futhi uhlukunyezwa ngomakhelwane bakhe.

“Ngisho nanamuhla ebusuku asazi noma sizolala yini noma sizobulawa,” esho.

La bafana basolwa ngokuthakatha ngemuva kokushona kukamakhelwane owaqala ukusola uGowana ngonyaka odlule. Amalungu omphakathi athi umama wabo ubafundise lo msebenzi wokuthakatha.

“Izingane zami sezize ziyasaba nokuya esikoleni ngoba azazi ukuthi kuzokwenzekalani kuzo,” kusho uGowana.

UGowana uthe la bafana, bathathwe ngumnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, ngemvume yakhe.

“Inqobo nje uma bengasasichithi isikhathi nami, ngiyajabula ukuthi baphephile,” esho.

UGowana naye usehambile kulesi sigodi ngoba usaba ukuthi angahle ahlaselwe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natali uKaputeni Nqobile Gwala uthe, amacala okugqekeza, ukweba, ukushaya nokusabisa avulwe esiteshini samaphoyisa e-Gamalakhe ukuze kwenziwe uphenyo.

Izihloko zakamuva