Abafana (6 no 9) bashaywe uthishanhloko ‘ngokugqekeza esikoleni’ 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Uthishanhloko wase-Equleni Junior Primary School, e-Mdantsane, e-East London, uboshwe namalungu amathathu ethimba eliqapha umphakathi endaweni ngezinsolo zokuthumba nokushaya abafundi ababili abasebancane. 

Laba bafana abaneminyaka eyisithupha neyisishiyagalolunye basolwa ngokugqekeza esikoleni ngesikhathi samaholidi bantshontsha i-microwave, i-heater, umgqomo kadoti, amaphepha nelambu lokukhanyisa.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Hazel Mqala uthe kuvulwe icala lokuthumba nelokushaya ukuze liphenywe e-Mdantsane SAPS. 

“Kwenziwe uphenyo lokuqala, kwaboshwa abasolwa abane abaneminyaka ephakathi kuka-47 no-54. 

“Bobane abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yase-Mdantsane mhlaka-12 kuNtulikazi. Uthishanhloko udedelwe ngebheyili, abanye abathathu bagcinwa esitokisini,” kusho uMqala. 

Okhulumela i-NPA uLuxolo Tyali uthe abathathu ababoshiwe bathole ibheyili ka-R500 umuntu ngamunye ngoLwesibili, mhlaka-16 kuNtulikazi, kanti bazovela enkantolo ngomhlaka-12 kuNcwaba.

Isishoshovu samalungelo ezingane, uMnuz Petros Majola, sithe ngokomthetho izingane ezikuleyo minyaka azinawo amandla okwenza ubugebengu. 

“Uma zenze ubugebengu kunemigudu okumele ilandelwe ethinta osonhlalakahle ukuze babizwe bazokhipha umyalelo ngendlela efanele,” usho kanje. 

UMajola uphinde wakhuluma ngesidingo sokuthi amalungu aqapha umphakathi kumele aqeqeshwe ngendlela ukuze akwazi ukuphatha amacala athinta izingane.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape, uMnuz Malibongwe Mtima, uthe maduze kuzoba nomhlangano nesigungu esilawula isikole nabazali.

Esithombeni ngenhla: Isithombe esiwumfanekiso.

Umthombo: SAPS

Izihloko zakamuva