Kabelo Tlhabanelo
Okokuqala abaduni abane bathathe imoto yaloyo owayeyiphoyisa bamdubula esandleni. Base beqhubeka nokudubula amaphoyisa amabili, kwashona elilodwa.
Abaduni bezimoto bebehamba ngemoto eyebiwe beqonde e-Lesotho, kusho amaphoyisa, ngesikhathi benesondo eliphantshile. Umuntu wokuqala ukuqaphela imoto kwakungu-Warrant Officer Koos Motapanyane owayesemsebenzini, owayebuyela emsebenzini ngemuva kokulanda isidlo sakhe sakusihlwa ekhaya lakhe e-Wepener e-Free State.
Iphoyisa lisole ukuthi i-Toyota Hilux emhlophe yebiwe, labiza ozakwabo ngomsakazo walo wamaphoyisa. Kodwa ngesikhathi izigebengu zibona imoto yakhe yamaphoyisa isondela, zadubula zabulala uMotapanyane oneminyaka engama-53, zalimaza umgibeli esiswini.
Ngesikhathi enye imoto isondela – ebishayelwa iphoyisa ebelisemngceleni we-Van Rooyen, ebelizama ukuthola usizo – ngesikhathi izigebengu zibona ukuthi yiphoyisa, zamdubula ehlombe ngesibhamu sikaMotapanyane.
UVan Rooyen ukwazile ukucasha futhi wabiza usizo.
Umlamu kaMotapanyane, uMasechaba Letsie, uthe iphoyisa elibulewe beliyiphoyisa iminyaka engaphezu kwengama-29.
“Wayehlala etholakala ukuzosebenza, ngisho nangezinsuku zakhe zokuphumula,” esho.
“Ubenomusa emphakathini wangakubo futhi ewuthanda kakhulu umndeni wakhe. Sishaqekile.”
Indodakazi kaMotapanyane eneminyaka engama-22 ubudala uRosina uthe ugcine ukubona ubaba wakhe ngesikhathi ezolanda isidlo sakhe sakusihlwa.
“Ngemuva kwemizuzu ehambile endlini wangishayela ucingo wathi kumele ngiqinisekise ukukhiya iminyango nokuyilapho engigcine khona ukukhuluma nobaba,” kusho uRosina.
Umndeni uthe isihlobo sabo yiphoyisa lokuqala ukubulawa e-Wepener.
Okhulumela oKlebe uCaptain Christopher Singo uthe sekuqalwe uhlelo lokuthungatha abasolwa.
“Kunxuswa noma ngubani onemininingwane mayelana nokuthi bakuphi abasolwa ashayele amaphoyisa aseduzane. Kuvulwe icala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokubamba inkunzi,” kusho uSingo.