Abaduni bakhumule iphoyisa lomgwaqo izimpahla base balibulala

Everson Luhanga

Iphoyisa lomgwaqo uNeo Sepuru ubehamba ngemoto yakhe ebheke ekhaya ngemuva komdlalo webhola lomnyango, kodwa akazange afike kwakhe.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa kaMasipala uXolani Fihla uthe, iphoyisa uSepuru lidunwe ngabasolwa abebesanda kubamba inkunzi enye imoto endaweni efanayo.

USepuru kusolwa ukuthi ukhunyulwe izimpahla, “wadutshulwa kabili ngemuva. Uthole amanxeba anzima emzimbeni wangakwesokunxele nangasemuva entanyeni,” kusho uFihla.

Imoto ebiduniwe itholakale ishiyiwe, yashiswa emgwaqeni uMbatha kanye noDlamini eJabulani eduze nalapho amaphoyisa athole khona uSepuru.

UFihla uthe kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eJabulani ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Uthe abasolwa basagcwele amathafa.

“Noma ngubani onemininingwane mayelana nalokhu kubulala ngesihluku kumele axhumane nenombolo kazwelonke yokunqanda ubugebengu ethi: 08600 10111. Abafonayo bengazifihla ukuthi bangobani,” kusho uFihla.

Izihloko zakamuva