Dylan Bettencourt
Abadlali be-futsal besifazane bafakele i-FIFA inselela yokuba ishintshe izindlela zayo zokucindezela imidlalo yabesifazane ngokusungula indebe yomhlaba yabesifazane.
Inhlangano ephethe ibhola emhlabeni igunyaze ifomethi encane yomdlalo enomcimbi wendebe yomhlaba wabesilisa, kodwa abazange bawubale umcimbi wabesifazane.
Lokhu sekuphoqelele abesifazane abadlala ibhola ukuba babhalele uMengameli we-FIFA incwadi uGianni Infantino bemphoqa ukuthi enze izinguquko.
Ngonyaka wezi-2018 wathembisa ukuthi indebe yomhlaba yabesifazane be-futsal izoba semqoka.
Kodwa ngemuva kweminyaka emithathu akukhombisanga ukuthi bazosigcina isithembiso sabo.
Indebe yomhlaba yesishiyagalolunye yabesilisa be-futsal iqale ngempelasonto e-Luthuania.
“Sikhishwa inyumbazana. Yilokho abakwenzayo. Angifuni ukusebenzisa igama lokucindezelwa ukuze ngizibonakalise ukuthi ngiyisisulu. Kodwa lokhu sekuvele kwayiqiniso” kusho uNatalia umdlali wesigaba sokuqala wase-Spanish aphinde abe nguMengameli wenhlangano yabesifazane abadlala ibhola le-futsal.
Indebe yomhlaba yokuqala yabesilisa yebhola le-futsal yadlalwa ngo-1989 ngesikhathi besebancane abesifazane ababengenele imidlalo. Kodwa kusukela ngaleso sikhathi amazwe afana no-Brazil, i-Spain, i-Italy kanye ne-Iran asebonise ukuthuthuka okukhulu nokuthanda imidlalo yabesifazane.
Okhulumela i-FIFA uthe bebephenya imidlalo yabesifazane nokuthuthuka kwayo waphinde wathi “Okusemqoka okwenza isiqiniseko ukuba le mncintiswano izoletha inkundla ebalulekile, kungagcini ngokubamba iqhaza kwabesifazane kuphela, kodwa kuphinde kunikeze amathuba abesifazane namantombazne asemancane ithuba lokudlala ibhola.”
Umthombo wesithombe: @InsideTheGames