Abadlali beRoyal AM batelekele ukungakhokhelwa

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

  • Ikusasa leRoyal AM aliqondakali ngemuva kokuthi abadlali bedube ukuzilolonga ngenxa yokungaholelwa umholo wangoZibandlela.
  • Iqembu libhekene nezinkinga eziningi zezimali okuhlanganisa nokuvinjelwa yiFifa ukudayiselana ngabadlali ngenxa yokwehluleka ukukhokhela  uSamir Nurkovic  owayengumgadli u-R15-million.

Lisenkingeni iqembu lebhola laKwaZulu-Natal, iRoyal AM, ngemuva kokuthi abadlali benqabile ukuzilolonga ngoba bengakaholelwa ngoZibandlela.

Izinkinga zemali zibe zimbi nakakhulu ngesikhathi umdlalo wabo wangempelasonto neChippa United uhoxiswa ngaphandle kwencazelo.

Lokhu kuza ngemuva kokugasela kwabaka-Sars namaphoyisa ngoLwezi emzini womnikazi weqembu uShauwn Mkhize. Kubikwa ukuthi ukweleta u-R40-million wentela ngefamily trust yakhe.

Yize enenkinga yezimali nomkhokhisi-ntela, uMaMkhize ongaconsi phansi kanye nomdlali oyindodana yakhe u-Andile naye ophinde abe ngusihlalo weqembu basaqhubeka nokungena ezinkundleni zokuxhumana bebukisa ngengcebo yabo ngezimoto ezibizayo ezithengwa kwamanye amazwe.

Iqembu selivalwe ukusayinisa abadlali abasha ngenxa yokuthi alikawukhokhi u-R15-million eliwukweleta owayengumgadli walo uSamir Nurkovic.

I-Royal AM ayikaze idlale selokhu yahlulwa ngo-3-1 yi-TS Galaxy ngomhlaka-29 kuZibandlela. Manje sebebhekene nenye inkinga – abakwaSARS bangase bazame ukuvala iqembu ukuze bathole imali yabo, kanti iFifa ingase iqale ukuthatha amaphuzu uma leli qembu lingamkhokheli uNurkovic, kubika iSABC Sport.

Esithombeni esingenhla: iRoyal AM. 

Umthombo: X

Izihloko zakamuva