Abadlali belomnqakiswano banikezwe izinkontileka

Dylan Bettencourt

Okokuqala ngqa ukuthi inhlangano yebhola lomnqakiswano yakuleli  inikeze abadlali abangu-24 izinkontileka ezikhokhelwayo ukuze bezodlalela izwe labo.

Amalungu eqembu lesizwe lamanje anikezwe izivumelwano zokudlalela iqembu.

Oshaya amagoli wakuleli uLenzie Potgieter uthe lesi sivumelwano sizoqinisekisa ikusasa labo njengabadlali.

“Lokhu kusinika umuzwa wokuphepha, nomuzwa wokuzethemba. Sinomuzwa wokuthi bayakholelwa kithina etshela i-BBC Sport Africa.

Isinqumo sokunikeza amalungu izinkontileka siza ngaphambi kwemidlalo yama-Commonwealth Games okuhlelwe ukuthi iqale ngoNcwaba. 

KuPotgieter ozinze e-Australia kuzoba ukuphuma kwakhe okokuqala ezweni lonke selokhu aba nezinkinga zempilo nangokwengqondo ngoMandulo odlule okwaholela ekutheni engenzi lutho.

Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala uthe izinkontileka zizonikeza abadlali bebhola lomnqakiswano noma uluphi usizo abaludingayo.

“Ngicabanga ukuthi kungasiza ekwehliseni ingcindezi yezezimali, futhi kwehlise nengcindezi ngokwengqondo,” kusho umdlali we-Adelaide Thunderbirds.

Bobabili u-Potgieter kanye ne-Netball South Africa banomuzwa wokuthi lesi sinyathelo sizozuzisa ukukhula komdlalo kubadlali bamanje nabazayo.

“Kuzoba nomthelela omkhulu kwezemidlalo kuleli,” kusho uPotgieter.

“Ngicabanga ukuthi amantombazane amancane azocabanga ukuthi ngingawenza lo msebenzi. Uma ngikhethwa emaqenjini athuthukayo ngingase ngibe nethuba lokudlala kumaligi ase-England, e-New Zealand noma e-Australia.”

Umqeqeshi weqembu lakuleli lebhola lomnqakiswano uDorette Badenhorst uthe lokhu kuzonyusa izinga lomdlalo kuleli.

Ngemuva kwemidlalo yama-Commonwealth elakuleli lizosingatha imidlalo yokuhlungela iNdebe Yomhlaba yebhola lomnqakiswano yangonyaka ozayo njengoba amazwe angu-16 elwela isicoco eKapa.

Umthombo wesithombe: @Sascoc

Scrolla World Cup Quiz