Abadlali belombhoxo base-France basolwa ngokucwasa nokuhlukumeza ngokocansi 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Amaphoyisa abophe amalungu amabili eqembu lebhola lombhoxo lase-France elihambele e-Argentina ngezinsolo zokuhlukumeza ngokocansi. 

Iqembu lebhola lombhoxo lase-France libhekane nesonto elinzima, kanti imibiko yokuboshwa kwabadlali bayo iza ngemuva kosuku omunye exoshwe eqenjini ngenxa yezinsolo zokucwasa. 

La badlali abangaziwa bebeyingxenye yomdlalo wangoMgqibelo la behlule khona i-Argentina ngo-28 -13. 

I-AFP ibike ngemuva kokuqinisekisa kukaMartin Ahumanda, okhulumela ihhovisi lomshushisi wase-Mendoza, ukuthi bazosuswa e-Buenos Aires bayiswe e-Mendoza ngemuva kokuboshwa ngoMsombuluko.

Iqembu belihlala ehhotela i-Diplomatic e-Mendoza ngemuva komdlalo wokuvivinya futhi imibiko ithi kulapho la macala enzeke khona.

Yize i-French Rugby Federation (FFR) ingakaphawuli, izinsolo zokucwasa ezibhekiswe kumdlali wasemuva uMelvyn Jaminet sezinemiphumela. 

“Ngiyathembisa, umuntu wokuqala nje oyisizwe sama-Arab engimbona emgwaqeni, ngizomshaya ngekhanda,” kusho uJaminet ku-Instagram. 

Ngaphambi komdlalo we-France ne-Uruguay e-Montevideo ngoLwesithathu, lo mdlali ukhishiwe eqenjini kulandela ukuxolisa kwakhe ngamazwi awashilo esiqeshaneni enkundleni yezokuxhumana. 

“Ngiyaxolisa kakhulu futhi nginamahloni ngokuphawula kwami,” kusho uJaminet esitatimendeni se-Instagram. 

“Ukucwasa ngokwebala ngazo zonke izindlela, akwamukelekile futhi kuphambene nakho konke engikholelwa kukho. Ngiyasiqonda isijeziso se-FFR futhi ngizothobela konke abakushoyo ukudlula kulesi sigameko.” 

Esithombeni ngenhla: Ibhola lombhoxo lase-France.

Umthombo: @francerugby

Izihloko zakamuva