Abadlali bekhilikithi be-IPL baseMzansi babhekana nokuhlukaniswa okugcwele

Sphiwe Masilela

Abadlali bekhilikhithi baseNingizimu Afrika ababedlala ochungechungeni lwe-IPL Indian bazoyalwa ukuthi bazihlukanise kwabanye uma befika eNingizimu Afrika.

Uchungechunge lowezi-2021 lushiywe ngenxa yesifo ze-Covid-19 e-India esibhebhethekayo.

I-Cricket South Africa (i-CSA) ithe ukumisa umqhudelwano kube yisinqumo esihle.

“Abadlali baseNingizimu Afrika kanye nabasebenzi abasizayo ababuyela eNingizimu Afrika bazobekwa bodwa ngokwemigomo ye-World Health Organisation,” kusho isitatimende se-CSA.

UFaf du Plessis, uQuinton de Kock noKagiso Rabada bangezinye zezizihlabani zekhilikithi zaseNingizimu Afrika ezidlala ku-IPL.

I-CSA kanye ne-South African Cricketers Association nabo kumele baxhumane nabo bonke abadlali futhi baqinisekise abantu baseNingizimu Afrika ngokuphepha kwabo nangenduduzo lapho bebuyela ezindaweni zabo.

“I-CSA ifisa ukudlulisa izifiso zayo ezinhle kanye nokweseka abantu baseNdiya kanye neBhodi Lokulawula Ikhilikithi eNdiya futhi ibonga ibhodi ngokugcina abadlali bethu bephephile ngalesi sikhathi esinzima,” kusho i-CSA.

Umthombo wesithombe: @OfficialCSA