Abadlali beGhana bazothola isamba sika-1 million noma bengawinanga kweye-Afcon

Dylan Bettencourt

Phezu kokudlala kabi kweye-Afcon, abadlali beqembu lesizwe lase-Ghana bahambe e-Cameroon nemali engaphezu kuka-R1 million ngokufika nje kulemidlalo.

Ezimnyama zehlulekile ukunqoba nowodwa umdlalo we-Afcon okokuqala emlandweni wazo kanti i-Ghana Football Association (GFA) ikhiphe amabhonasi iqembu obekumele liwathole.

Uma kuyiwa kulo mqhudelwano i-GFA ibivumelene ngo-R306 000 wokuvela komdlali ngamunye kulo mqhudelwano lapho i-Ghana idlale khona imidlalo emithathu kuphela yesigaba samaqoqo.

Umqondisi wezokuxhumana kwi-GFA uHenry Asante Twum uthe: “Bathole imali yokuvela kweye-Afcon yabo engu-R306 000 kuphela. Lokho kwavunyelwana ngezingxoxo ngaphambi kokuthi baye kweye-Afcon,” usho kanje ku-Starr FM.

Samsung Galaxy 14G

Ukungadlali kahle kwe-Ghana kweye-Afcon kuphoqe inhlangano yebhola ukuthi idedele  umqeqeshi uMilovan Rajevac okuthiwa akeneme ngesinxephezelo anikezwe sona.

I-GFA iqoke owayengumdlali wasemuva wase-Ghana u-Otto Addo ukuthi athathe izintambo kuma-Black Stars ngaphambi kokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022.

Izinto zingase zibe zimbi kakhulu e-Ghana njengoba ingase ihluleke ukungena kwiNdebe yoMhlaba ezosingathwa e-Qatar njengoba iqhathwe ne-Nigeria lapho izobhekana khona e-Qatar kuma-Fixture anemilenze emibili ngomhlaka 23 kuMbasa nangomhlaka-29 kuMbasi.

Womabili la maqembu athwele kanzima kusukela kweye-Afcon kanti azobe enethemba lokuthi azofika emdlalweni emi ngezinyawo zombili. 

Umthombo wesithombe: @AfricaTopSports

Scrolla World Cup Quiz