Lubhalwe nguRazeen Gutta
Abadlali beqembu le-Chelsea “bayazisola” ngokusayina izinkontileka zesikhathi eside neqembu ngoba amaqhinga kaMauricio Pochettino ahlukanisa abadlali, ngokusho kwemibiko.
I-Chelsea isisebenzise imali engaphezu kuka-£1-billion (cishe u-R100-billion) selokhu owayengumnikazi wayo uRoman Abramovich adayisa leli qembu ngo-2022.
Abadlali abasha abasayinisiwe benze okuncane ukuvimba ukuwa kweqembu, futhi iqembu lehlele engxenyeni engezansi etafuleni le-Premier League.
Abaningi abasanda kufika bazibophezele ekutholeni imali enkulu ezinkontilekeni zeminyaka eyisikhombisa neyisishiyagalombili, kodwa ngokusho kwe-The Athletic, kube khona “ukuzisola” okukhulu okuvela kubadlali abakhulu abaningi abebekhona e-Stamford Bridge.
UCole Palmer, u-Enzo Fernandez, uMoises Caicedo kanye noMykhailo Mudryk bangabanye babadlali osekungabatshazwa ikusasa labo, nakuba besanda kusayina kuleli qembu.
Kuthiwa abadlali abambalwa bacasulwe iseluleko esincane samaqhinga abasinikezwa ithimba labaqeqeshi kanti umbiko wengeze ngokuthi kukhona “ingxube enobuthi” nokungqubuzana kwemibono phakathi kwabadlali nabanikazi uTodd Boehly kanye noBehdad Eghbali.
Kuphinde kwaba nokuqagela ngekusasa lomsebenzi kaPochettino. Kodwa-ke kulindeleke ukuthi ahlale kuze kuphele isizini kanti ngaleso sikhathi uzobe esenezinyanga ezingu-12 enkontilakeni yakhe.
Esithombeni esingenhla: UMauricio Pochettino.
Umthombo wesithombe: @fabrizioromano