Abadlali bebhola besifazane bahlushwa amabhuzu enzelwe amadoda

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Ucwaningo olwenziwa i-European Club Association luthole ukuthi abadlali besifazane abangaphezu kuka-80% bezwa ubuhlungu uma begqoke amabhuzu ebhola.

Amabhuzu ebhola aklanywe kucatshangwa ngonyawo lomuntu wesilisa futhi kusatshelwa ukuthi angandisa ingozi yokulimala kwamadolo kwabesifazane. Yingakho u-20% wabadlali abangu-350 ababambe iqhaza ocwaningweni benza amabhuzu ngokwezifiso zabo ukuze bathuthukise ukunethezeka.

Ucwaningo lwenziwe esikhathini esiyizinyanga ezingu-18 kusetshenziswa izinto zokuhlola ukuze kwakhiwe isizindalwazi esizofaka amaqoqo ezinhlobo ezahlukene zezinyawo, ubuzwe kanye nezikhundla zabadlali.

Uchwepheshe wezokwelapha zebhola kanye nokuhlunyeleliswa kwezemidlalo e-St Mary’s University, uDkt Katrine Kryger ukhulume ngokuthi kubaluleke kangakanani ukuthi amabhuzu abesifazane ahlukaniswe kwabesilisa.

“Kunezinto ezintathu ezibalulekile ezikhathazayo. Eyokuqala ukuthi ababhuzu ayalingana yini. Amabhuzu ebhola afakwe ngokuqinile, noma ngokufanele ngoba kumele ukwazi ukunyakaza nokuthi ushintshe indlela ngaphandle kokushelela kwesicathulo. Kodwa lokho kusho ukuthi ugqoke into efakwa onyaweni lowesilisa ukucacisa kahle unyawo lowesilisa womlungu,” esho.

“Njengoba unyawo lwesifazane lubunjwa ngendlela ehlukile lokho kuzodala ukubanjwa iscathulo, ukuqaqamba kanye namabhamuza. Sinemakethe yocwaningo lwabesilisa futhi siyazi ukuthi kunezinkinga ezihlobene nalokho zokuthi amabhuzu ebhola afakwe ngokungalungile angabangela izinkinga.

“Enye yezinto esizishilo ukuthi akufanele nje sikopishe lokho okwenziwa amadoda. Ukuthi amadoda awakaze acabangele ingxenye ethile yesayensi akusho ukuthi ngeke sikwazi ukudlala ibhola labesifazane.”

Inhloso yokugqugquzela uguquko yilena esivele yasebenza. Njengoba i-Fifa Women’s World Cup isondela ngokushesha, i-Nike ikhiphe isicathulo sayo sokuqala esiklanyelwe abesifazane ngokukhethekile – kanti nabanye abakhiqizi kulindeleke ukuthi benze okufanayo.

Esithombeni esingenhla: I-Phantom Luna ye-Nike entsha eyenzelwe abesifazane

Umthombo wesithombe: @nike

Izihloko zakamuva