Dylan Bettencourt
Abadlali bakudala beqembu labesifazane i-Vancouver Whitecaps basola umphathi oyisikhulu se-FIFA uVictor Montagliani ngokwehluleka ukubhekana nezinsolo zokungaziphathi kahle ngokocansi.
Yize i-Major League Soccer izobamba uphenyo oluzimele mayelana nezigameko eziningi zokungaziphathi kahle ngokocansi, abadlali bakudala besaba ukuthi uphenyo ngeke lubhekane nezinkinga abadlali abaningi abebebhekene nazo kule minyaka edlule.
UMontagliani kuthiwa wazichitha izigameko ezifana nezinsolo zokunukubezwa ngokocansi kukaBob Birarda ngonyaka wezi-2008 ngesikhathi ephethe uhlangothi lwabesifazane base-Canada abangaphansi kweminyaka engama-20, kanye neqembu labesifazane i-Vancounver Whitecaps.
UMontagliani unguMengameli we-confederation of North, Central American and Caribbean Association Football (i-Concaf) futhi usebenza njengesekela likaMengameli we-FIFA, inhlangano ephethe ibhola emhlabeni.
Naphezu kwezinsolo zokungaziphathi kahle ngokocansi ezenzeka eminyakeni eyi-13 edlule, uBirarda waze waboshwa ngoZibandlela ngonyaka wezi-2020. Wabekwa amacala ayisithupha okuxhaphaza ngokocansi namabili okunukubeza ngokocansi ngezinsolo ezisukela ngonyaka wezi-1988.
Abadlali bakudala, kanye ne-Canada’s Professional Footballers Association (i-PFACan), bafuna ukuthi amalungu abalulekile axoshwe ngenxa yokwehluleka ukubhekana nezinsolo zokuhlukumeza ngokocansi.
“Laba baphathi balahlekelwe amandla abo okuqhubeka nezikhundla zobuholi,” kusho uPaul Champ, ummeli we-PFACan, etshela i-Guardian.
Ukukhungatheka nokucasuka kwabadlali bakudala kwenzeke ngemuva kwezinsolo zokuthi uMontagliani nabasebenzi bebhola lezinyawo lase-Canada kutholakale ukuthi bayazi ngezinsolo zokungaziphathi kahle ngokocansi kwalo mqeqeshi, futhi basamvumela ukuthi aqhubeke nokuqeqesha.
“Sekukhona ukukhanya okuthile okwenzekayo ebholeni lase-Canada futhi sithanda ukuqhubeka nokubacindezela ukuthi bacabangele lezi zinkinga. Zonke lezi zinkinga zixhumene futhi sidinga ukwazi ukuthi izigungu ezilawulayo zenzani ngakho,” kwengeza uChamp.
Emuva kophenyo ngalezi zigameko, isikhulu esiphezulu senhlangano i-Whitecaps sixolisile ngokwehluleka kweqembu ukuzisukumela kusenesikhathi lezi zinsolo lasho nokuthi idlanzana lamalungu esigungu esiphezulu asamisiwe
Umthombo wesithombe: @TheNewYorkTimes