Abadlali bebhola abalwela ukuphila empini yaseSudan

Impi ese-Sudan ishiye umkhondo womonakalo kodwa phakathi nalezi zinxushunxushu omunye umdlali webhola onesibindi wabelane ngolwazi lwakhe olushaqisayo lokuphila njengomdlali okhokhelwayo.

UJoseph Malish oyisihlabani esisafufusa enkundleni yebhola e-South Sudan ophinde abe umdlali obalulekile we-Al Merrikh uveza iqiniso elibuhlungu ngasese.

“Akukho ukudla okufanele,” esho ngenhliziyo ebuhlungu, “udla kuphela izinsalela ezingakusuthisi. Kuwumzabalazo wansuku zonke wempi yokulwa nendlala nezimo ezingenampilo.”

Ekhuluma ne-BBC Sport Africa, lo mdlali (20) usikhanyisela ngezimo ezimbi ezikhungethe izwe elikhungethwe impi.

Kodwa akubona ubunzima bomzimba kuphela obusezingqondweni zabadlali.

“Kuyasithinta ngempela,” kuvuma uMalish ngesikhathi izwi lakhe ligcwele usizi.

“Siphazamisekile engqondweni. Ukungabibikho kukagesi, ukushoda kwamanzi, i-inthanethi engathembeki, nokunqamula imigudu yokuxhumana nemindeni yethu izinsuku eziningi – lezi izinto ezisihlukumeza kakhulu.”

Naphezu kokubekezelela izinkinga ezinjalo uMalish ubambelele ethembeni futhi  uzimisele ukuqeda inkontileka yakhe kanye nokuletha injabulo ezweni lakhe nakubathandekayo bakhe.

“Kulezi zikhathi ezinzima imizwa iyakhuphuka futhi sikulindele ngabomvu ukuphela kwale nhlekelele. Silangazelela ukubuyela ezweni lakithi nokuthi silethe injabulo emindenini yethu,” kusho lo mdlali wasesiswini.

Kodwa-ke, uMalish uyazi ukuthi ukubuyela esimweni esijwayelekile ngeke kuze ngaphandle kwezinselelo.

“Izindawo zemidlalo kanye nezinkundla akumoshekile,” esho enethemba. “Kodwa iqiniso ukuthi kuzothatha isikhathi eside ukuthi izinto zibe ngcono ngempela nokuthi ziphinde zizuze udumo lwazo lwangaphambilini. Ngaphezu kwalokho ukuhlakazwa kwabadlali ukuze bafune ukuphepha nemindeni yabo kwenza izinto zaba nzima.”

Njengoba i-Sudan Football Association ibheka isiphetho esingaqinisekile sale ligi, abadlali bebhola besizwe bayaqhubeka nempilo yabo bebambelele emaphushweni ekusasa eliqhakazile.

Luhlanganiswe nguRazeen Gutta

Esithombeni esingenhla: UJoseph Malish

Umthombo wesithombe: @biarmonychol

Izihloko zakamuva