Abadlali beBanyana bakhala ngokubanjiswa isisila sehhobhe ngeyamabhonasi

Linda Ximba

Abadlali abahlanu beBanyana Banyana, abasize iqembu lesizwe lanqoba i-Women Africa Cup of Nations (Wafcon) e-Morocco ezinyangeni ezimbili ezedlule abakawatholi amabhonasi abo o-R100 000.

UHilda Magaia, uNoko Matlou, uLebogang Ramalepe, uNomvula Kgoale no-Amogelang Motau bathenjiswe umklomelo nguNgqongqoshe wezeMidlalo e-Limpopo, uThandi Moraka.

UNgqongqoshe wenza lesi sifungo ngesikhathi kwenziwe umcimbi wokujabulela ukubuya kwalabadlali e-Polokwane ngoNcwaba.

Kubukeka sengathi lo sopolitiki wayengafuni ukudlulwa i-South African Football Association (Safa) noNgqongqoshe wezeMidlalo kuzwelonke uNathi Mthethwa abathembise ukuklomelisa iqembu ngemizamo yalo eyingqophamlando.

I-Safa yakhipha u-R400 000 kubo bonke abadlali abangu-23 kwathi uMnyango kaMthethwa wakhipha u-R5.8-million njengomklomelo ozohlukaniselwa abadlali nethimba labaqeqeshi.

Ilungu le-Safa National Executive Council elingathandanga ukudalulwa igama litshele i-Scrolla.Africa ukuthi abadlali bayakhononda ngokungawutholi umklomelo wabo.

“Izintokazi zike zasithinta mayelana nokungayitholi imali yazo esifundazweni sase-Limpopo. Sizolusukumela lolu daba yize ngasohlangothini lwethu sesawafaka amabhonasi njengoba sasithembisile,” kusho lesi sikhulu.

Umphathi wezokuxhumana eMnyangweni wezeMidlalo e-Limpopo, uKenny Mathivha ithe lokhu ukuphazamizeka ngasohlangothini lwabo kodwa udaba luyasetshenzwa.

“Njengoba sinezindondo zethu zesifundazwe mhla zinhlanu kuLwezi sihlele ukuthi sizobaklomelisa ngesikhathi semiklomelo ngoba kukhona abaqokiwe,” kwengeza uMathivha.

Isithombe esingenhla ngeseBanyana Banyana

Umthombo wesithombe: @BackpagePix

Izihloko zakamuva