Abadlali beBafana Bafana abadlalela amaqembu aphesheya bahlulekile ukuthola izincwadi ezibagunyaza ukuphuma ezweni ngesikhathi

Linda Ximba

Sebephindile futhi! Abadlali beqembu leBafana Bafana abadlalela amaqembu aphesheya uLuther Singh kanye noPule Mmodi bagxekiwe ngokuhluleka ukwenza incwadi egunyaza ukungena kwelinye izwe ngesikhathi.

Lokhu kuholele ekutheni baphuthwe ithuba lokungena kwiqembu elinabadlali abangama-23 leNingizimu Afrika elibizwa ngeBafana Bafana ngokusho komqeqeshi weqembu uHugo Bross ngoMsombuluko, njengoba bezodlala ne-Ethiopia ngenyanga ezayo kubangwa ukungena kwindebe yomhlaba yonyaka wezi-22.

Ngokusho kukaFarouk Khan, owabona ithalente likaSingh waphinde wamkhombisa indlela yokuba umdlali ovelele kwi-Star of Africa academy, lo mdlali oneminyaka engama-24 ubazi ukuthi kumele alungise i-Visa yakhe ngesikhathi.

“Njengomdlali owaqala ukudlala ezweni lase-Europe ngonyaka wezi-2015, kumele ngabe wazi kangcono. Lezi zinto kumele uzilungise kusanesikhathi. Ukunganaki kwakhe izinto, kwamenza wasala eNingizimu Africa ngemuva kwemidlalo yase-Zimbabwe kanye ne-Ghana, okwamenza ukuba abuyele eqenjini lakhe i-Denmark sekudlule isikhathi,” kusho uKhan ephoxekile.

UMmodi, bekuyithuba lakhe ukuthi azikhombise aphinde akhombise indlela yakhe adlala ngayo phesheya.

Umqeqeshi weBafana Bafana ukhombise isibindi ukuqoka abadlali abangakaze badlalele iqembu lesizwe, kodwa lokhu ukwenze ngenhloso yokwakha iqembu lesizwe eliqinile.

Noma imzamo yokuzama ukuthola uMmodi ingaphumelelanga, kuyaqondakala ukuthi uBroos ubhalise abadlali ababili abaphinde bamphoxa bobabili. Akukaqondakali ukuthi uyophinde ababize ngelinye lamalanga.

Umdlalo wabo wokuqala ne-Ethiopia uzodlala enkundleni yase-Bahir Dar mhla zi-9 kuMfumfu e-Ethiopia, bese umdlalo wabo wesibili uzodlalwa enkundleni yase-FNB mhla ziyi-12 kuMfumfu eNingizimu Afrika.

USingh, ongumgadli webhola, udlalela iqembu laphesheya i-FC Copenhagen e-Denmark kanti uMmodi udlalela i-Lamontville Golden Arrows.

Izihloko zakamuva