Linda Ximba
Abadlali abaningi be-Moroka Swallows basole abaphathi beqembu ngokubaholela imali encane.
La badlali abakhulume ne-Scrolla.Africa ngaphansi kwemibandela yokungadalulwa amagama, bathe ngenxa yalokhu kumosheke amaholidi abo nemindeni yabo kanye nabathandiweyo babo.
Kuvele ukuthi abadlali okukhulunywa ngabo “bajeziselwa” ukweseka isicelo somdlali wasemuva uVuyo Mere sokuthi bangayisayini incwadi yeqembu abanikezwe yona.
Kuyacaca ukuthi bekunemibandela uMere ayengeneme ngayo encwadini futhi watshela ozakwabo ukuthi bamjoyine ngokungayisayini.
Usehambile uMere kwi-Swallos wenza isivumelwano sesikhashana ne-TS Galaxy.
Omunye umdlali ongathandanga ukudalulwa igama uthe “izinto zimbi kwiSwallows. Besithule sinethemba lokuthi izinto zizobuyela esimeni esijwayelekile.
“Ngisola ukuthi sijeziselwa ukweseka umbono kaVuyo wokuthi singawasayini lawo maphepha ngoba bekunezinto ezingacacile”.
UMere uthe benziwa abantu ababi kuyo yonke lento.
“Udaba lwethu silubike kwiNyunyana yaBadlali futhi kumele sihlangane kuleli sonto,” kusho omunye umdlali.
UThulaganyo Gaobushele onguMengameli weNyunyana emele Abadlali eNingizimu Afrika, ukuqinisekisile ukuthi bazitholile izikhalo.
“Kubuhlungu ukuthi kunamakilabhu azenzela umathanda sengathi azikho izinkontileka ezisayiniwe phakathi kwawo nabadlali. Sizofinyelela kumnyombo walolu daba kuleli sonto,” usho kanje.
USipho Xulu okhulumela i-Swallows FC ukuphikile ukuthi kunezinkinga zemali eqenjini.
“Angiyazi ukuthi iqhamukaphi le ndaba yokuthi abadlali bathi bahola imali encane. Konke kuhamba ngohlelo eqenjini”.
Umthombo wesithombe: @SowetanLIVE