Menzi Magubane
Izihlabani zeqembu lebhola i-Banyana Banyana ziyaqhubeka nokukhuphula izinga ebholeni lase-Europe futhi konke abakwenzayo kuyabasebenzela.
Umdlali waphambili uThembi Kgatlana nomdlali wasesiswini uRifileo Jane bathole izindondo ngokudlala kahle kwabo ngesizini edlule.
UKgatlana usayine isivumelwano seminyaka emibili ne-Atlético de Madrid, elinye lamaqembu amakhulu e-Europe, esuka ku-SD Eibar.
Lo mdlali oneminyaka engama-25 ujabulele isizini enhle neqembu lase-Spain, washaya amagoli ayi-10 emidlalweni engama-21 wasiza i-Eibar ukuba iqede endaweni ye-14 ku-log ngesizini edlule.
Ubukhali bakhe phambi kwamapali kudonse amehlo eqembu lase-Spain, eliqede endaweni yesine ngesizini edlule.
Ekhuluma kwiwebhusayithi esemthethweni yekilabhu, umdlali owawina i-African Player of the Year ngowezi-2018, uthe ujabule kakhulu ukuzodlalela i-Atlético de Madrid.
“Njengomdlali webhola lezinyawo, uhlale uphupha ngokudlalela amaqembu ahamba phambili. Inhloso yami yokuqala ukuba ngumdlali obambisene nabanye eqenjini nokusebenza kanzima eqenjini. Ngijabule kakhulu ukujoyina leli qembu. Sengijahe ukunibona nonke,” kusho uKgatlana etshela iqembu lakhe elisha.
URifileo Jane onguzakwabo kuBanyana Banyana, ubedlala ngokuzimisela kwi-AC Milan e-Italy. Lo mdlali oneminyaka engama-28 usayine inkontileka yonyaka owodwa ne-Italian Serie A Women’s League ngowezi-2019.
Wenza ezibukwayo eqenjini ngesizini yakhe yokuqala kangangokuba sebenqume ukumnikeza inkontileka entsha. NgoLwesithathu, inkontileka yakhe yelulwe ngeminyaka emibili.
Impumelelo yabo kufanele ibe isikhuthazo esikhulu kubadlali abasafufusa, ikakhulukazi abadlali besifazane abanezifiso zokuyodlala phesheya. Amava azotholwa yilaba badlali ababili azosiza ne-Banyana emidlalweni yabo yokuhlungela iNdebe Yabesifazane yase-Afrika.
Imidlalo bekufanele iqale ngoNhlangulana kodwa ngenxa yokhuvethe, ihlehliselwe uMfumfu. Umqhudelwano uzobanjelwa e-Morocco ngowezi-2022.
Umthombo wesithombe: @ atleticodemadrid.com