
Dylan Bettencourt
Imfucuza isabalale enkundleni yezemidlalo izindawo zokuhlala zicekeleke phansi kanti inkundla igcwele imigodi.
Nokho abafana abancane beqembu lebhola le-Olymp Irpin bayadlala futhi bayazilolonga sengathi akukho okushintshile kusukela amabutho ase-Russia ahlasela izwe labo.
Ibhola liletha ukumamatheka ebusweni bezingane ngesikhathi sokuthula noma ngesikhathi sempi.
Noma ikuphi lapho bebheka khona kunesikhumbuzo sempi kuhlaselwa i-Ukraine kusukela ngomhlaka-24 kuNholanja.
I-shrapnel ibonakala kuyo yonke inkundla yebhola futhi izingcezwana zamagobolondo zihlanganiswe ndawonye zaba inqwaba eduze kwalapho abafana bebeka khona izikhwama zabo.
Ababili babafana babulawa ngesikhathi sempi, kodwa namanje abadlali bayakhombisa ukuqala kwesizini yabo yebhola.
Isizini ezoqala iwuphawu elizobakhuthaza ukuthi bakhohlwe kancane ngempi nobuhlungu ababhekane nakho.
“Sidlala ibhola ngisho nakulezi zimo ngoba lisiza ngokusifundisa ukuziphatha futhi siyazama ukungacabangi ngempi,” kusho umqeqeshi weqembu uDaniil Kisel kwi-New York Times.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-25 ubudala uthe ukuqeqeshwa kuzoqala kabusha mhla zimbili kuNdasa ezinsukwini ngemuva kokuthi i-Irpin indawo engaphansi kwe-Kyiv iphinde yathathwa amabutho ase-Russia wabe eseqala ukusebenzela nokulungisa inkundla ngokwakhe.
Kodwa-ke kuthe uma sekuqala ukuqeqeshwa kwafika abadlali abathathu kuphela yize iqembu phambilini belinabadlali abangu-400.
UKisel uthe iningi labadlali selibalekile lise-Poland, kodwa njengoba isikhathi siqhubeka abanye abadlali bayabuya futhi ngokushesha sekunabadlali abayikhulu abafikayo bezoqeqeshwa.
Osukwini lwakamuva ngaphandle kwenkundla evuleke imigodi enezimbobo zezinhlamvu, izakhamuzi zendawo zifike zizokwamukela usizo oluvela eqenjini lase-Germany.
Kodwa ngaphakathi enkundleni, iqembu lebhola eligcwele labafana livika imigodi enkundleni njengoba lilungiselela ukuqala kwesizini ngaphandle kokukhathazeka ngokwenzeka ezweni labo.
Umthombo wesithombe:@TheNewYorkTimes