Dylan Bettencourt
Kulindeleke ukuthi iqembu lesizwe lase-Gabon lidlale emqhudelwaneni we-Afcon 2021, kodwa bengakafiki e-Cameroon ngenxa yombango wamabhonasi angakhokhiwe.
Njengamanje ama-Panthers asendaweni yokuziqeqesha e-Dubai. Bekumele bethathe uhambo oluya e-Afrika ngoLwesithathu, kodwa bakhetha ukuhlala emagumbini abo asehhotela.
Abadlali banikeze igatsha lase-Gabon lezemidlalo umnqamulajuqu wezinsuku ezintathu wokuthi likhokhe amabhonasi abo ngoLwesibili lwangomhlaka-4 kuMasingana, ngale kwalokho ngeke balubhade kwi-Afcon 2021.
Ukukhathazeka ngamabhonasi angakakhokhiwe kwaqala ngesikhathi i-Gabon ihlulwa i-Burkina Faso ngo-3-0 kanti i-Gabonese Football Federation (i-Fegafoot) yasabisa ngokuthatha abadlali abadlalela amaqembu asekhaya kunabadlali abadlalela amaqembu aphesheya iyobadlalisa emqhudelwaneni wangoMasingana.
“Abadlali bazimisele ngokuthi abayi ndawo uma amabhonasi abo engakhokhiwe. Baphinde baphatheka kabi ngokuthi esinye sezikhulu siveze ukuthi sizofaka abadlali abadlalela amaqembu asekhaya kwi-Africa Cup of Nations 2021 uma bengahambi,” kusho umthombo osondelene neqembu lesizwe lase-Gabon kwi-Gabon All Sport.
“Sekuphele cishe amahora amathathu wonke umuntu esendaweni yokwamukela izivakashi ehhotela labadlali, kodwa abadlali basemagumbini abo.”
I-Gabon, eholwa nguPierre-Emerick Aubameyang we-Arsenal kulindeleke ukuthi iqale uhambo lwayo oluya emqhudelwaneni we-Afcon 2021 ngoMsombuluko womhlaka-10 kuMasingana ibhekene ne-Comoros kanye nemidlalo abasazoyidlala ne-Ghana ne-Morocco ukuqeda imidlalo yamaqoqo.
Ngo-1996 nango-2012 yilapho amazwe ase-Afrika aqede khona kahle kulo mqhudelwano njengoba aze afinyelela emzuliswaneni womkhumulajezi.
Umthombo wesithombe: @CAF