Dylan Bettencourt
Abadlali bebhola ababheke kwiNdebe yoMhlaba yowezi-2022 e-Qatar bazoba semqhudelwaneni onzima, njengoba amazinga okushisa engase afike ku-30°C.
Ongoti bathi kubhekwe ukuthi bajuluke balahlekelwe amanzi emzimbeni angamalitha amathathu emdlalweni ngamunye.
Okokuqala ngqa, iNdebe yoMhlaba ngeke idlalwe enyangeni kaNhlangulana kuya kuNtulikazi. Ukushisa okunamandla ngalezo zinyanga zasehlobo e-Middle East kuphoqe i-FIFA ukuthi ihlele kabusha umqhudelwano ozodlalwa ngoLwezi kuya kuZibandlela.
Kodwa ngisho nasezimweni zasebusika, abadlali bazovivinywa kakhulu.
Abadlali bebhola bazoba nesonto elilodwa kuphela lokujwayela amazinga okushisa aphakeme kakhulu, ngakho labo abadlala ezindaweni ezipholile kulindeleke ukuthi bathwale kanzima kakhulu.
Njengoba ukuphelelwa amanzi emzimbeni kuzoba into ebhekwe kakhulu kuNdebe Yomhlaba yangonyaka ozayo, ososayensi abaningi bakholelwa ukuthi abadlali kufanele basebenzise imikhiqizo eyenzelwe ukushintsha ngokushesha ama-electrolyte abalulekile namaminerali alahleka ngenxa yokujuluka ngokweqile.
“Ebholeni lezinyawo, lokho okwenzayo ngaphambi nangemuva kubaluleke kakhulu. Ngakho-ke, sizobafundisa isidingo se-pre-loading ngamanzi nama-electrolyte, ikakhulukazi i-sodium,” kusho uJack Wilson, usosayensi wezemidlalo nokuzivocavoca e-Porsche Human Performance centre.
“Sizohlola umjuluko womsubathi, sithathe izilinganiso ezinemininingwane, ukuze siqonde ukuthi ulahlekelwa yini ngokujuluka kwakhe bese sinjiniyela uhlelo lokufaka amanzi ngaphambi, ngesikhathi nangemuva kwesikhathi,” etshela i-Reuters.
U-Andy Blow, owake waba yi-elite triathlete futhi manje onguchwepheshe ekuhloleni umjuluko nokudla, uthe lolu uhlelo oseluvele lwathathwa ngeminye imidlalo eminingi, njengoba ibhola lifika sekuphuzile kulolu hlelo.
“Ibhola lisewumdlalo wesintu ngokwengxenye, futhi kunabantu emdlalweni abangafuni ukusebenzisa ubuchwepheshe obusha nezindlela ezintsha.
“Kodwa luyanda uhlobo lwabaphathi, abadlali nabaqeqeshi abagxile kakhulu kwezesayensi nokusebenza kwabantu,” esho.
Amaqembu ebhola abheka izixazululo ezahlukene zokupholisa abadlali, njengamajakhethi okupholisa, iziphuzo zeqhwa ngaphambi komdlalo kanti amanye amaqembu abheke nokuba nemishini yawo ye-Slush Puppie.
Enye inqubekelaphambili enkulu yokupholisa izinkundla zemidlalo ukuvunguzisa umoya obandayo kuyo yonke inkundla kusetshenziswa uhlelo oluhlukene ngaphakathi kwenkundla ngayinye.
“Umoya opholile uphushelwa kwizibukeli, upholiswe kabusha bese uhlungwa bese uphephetha kuyo yonke inkundla futhi umoya omuhle wokushisa nomswakama,” kusho uSaud Abdulghani, usolwazi wobunjiniyela bemishini e-Qatar University, etshela i-Reuters.
Umthombo wesithombe: @InsideTheGames