Abadlali balinde imali abathenjiswa yona

Dylan Bettencourt

UMengameli wase-Malawi uLazarus Chakwera uthembise ukuthi uzohlomulisa iqembu lesizwe lebhola lezinyawo uma lidlulela esigabeni sokuhlungela eye-Afcon.

Sekuphele cishe isonto bengenile kweye-Afcon, kodwa uMengameli usathule ngesithembiso asenza.

UChakwera uthembise imali engu-R18,800 umdlali ngamunye obekhona kulo mdlalo kanye no-R9,400 uma iqembu lase-Malawi linqoba i-Senegal emdlalweni wokugcina wamaqoqo ukuze badlulele phambili emzuliswaneni wamaqembu angu-16.

I-Malawi idlale ngokulingana ngo 0-0 nokwenze yakwazi ukungena esigabeni sokuhlungela i-Afcon okokuqala emlandweni wayo.

Abadlali bebhola base-Malawi abadlala ibhola emakhaya abo yibona abadlali bebhola abahola kancane emhlabeni, njengoba bethola imali engu-R3,000 kanti abadlali abancane bahola cishe imali engu-R1,500 ngenyanga.

Njengoba i-Malawi idlulela emzuliswaneni olandelayo walo mqhudelwano, izindleko zayo zinyukile futhi leli qembu seliveze ukuthi lidonsa kanzima ngokwezimali.

“Izindleko zenyukile ngemuva kokungena emizuliswaneni womkhumulajezi kulo mqhudelwano. Sesinxuse uMnyango Wezemidlalo ukuthi ungenelele, sathola isibambiso siika-R154 million,” kusho uMengameli we-Malawi Football Association uWalter Nyamilandu.

Imibiko iveza ukuthi i-FA yase-Malawi kudingeke ukuthi ithumele ezinye izikhulu ekhaya ukuze yehlise izindleko futhi yonge imali yamabhonasi abadlali.

Umthombo wesithombe: @AlJazeera

Izihloko zakamuva