Abadlali bakuleli abakhombise ikhono ngesizini yePSL

Lubhalwe nguMichael Madyira

Isizini ka-2022/23 ye-Premier Soccer League isiphelile kanti iMamelodi Sundowns isaphethe irekhodi lokuthola izicoco eziyisithupha izikhathi zilandelana.

Yize iSundowns idlale ngokuzimisela, kodwa bekujabulisa ukubona abadlali belwela indawo yesibili.

I-Scrolla.Africa ibheke abadlali abenze kahle kule sizini.

Unozinti uRonwen Williams

Bekuyisizini yokuqopha umlando kakaputeni weBafana Bafana oqophe irekhodi elisha le-PSL lokudlala imidlalo engu-18 engadedeli nelilodwa igoli, edlula uMoeneeb Josephs ogcine irekhodi lemidlalo engu-17 engazange adedele lutho.

Ngemuva kokujoyina iSundowns ekuqaleni kwesizini, uWilliams ubange ijezi nomakadebebona uDenis Onyango noKennedy Mweene.

Odlala emuva kwesokudla uKhuliso Mudau

Lo mdlali wasemuva weSundowns ujabulele isizini yakhe ehamba phambili ku-PSL kanti uqale imidlalo engu-21 yeligi, okuyiyona ehamba phambili ngemibala yeSundowns.

Bekuyisizini emenze wagcina indawo yakhe eqenjini leBafana Bafana.

Odlala emuva kwesokunxele uPaseka Mako

Nakuba edlale imidlalo embalwa ohlangothini lwesokudla lokuvikela, kodwa uMako ugqame njengomdlali wasemuva kwesokunxele ohamba phambili

Ngokuthola igoli nje kanye nokusiza kwiligi kule sizini, lo mdlali wasemuva usize kakhulu iPirates.

Odlala phakathi nendawo emuva uNkosinathi Sibisi

Ngesikhathi efika ephuma kwiGolden Arrows, lena bekuyisizini yokuqala kaSibisi eseqenjini lePirates.

Ubengumdlali wePirates oqale imidlalo eminingi yeligi futhi ube negalelo elikhulu ekuthuthukisweni kwaleli qembu.

Odlala phakathi nendawo emuva uMothobi Mvala

Lo mdlali usuke ekubeni umdlali wasesiswini waba umdlali wasemuva kanti udlale kahle kakhulu njengomdlali wasemuva, okuyisikhundla ngisho umqeqeshi weBafana uHugo Broos amdlalise kuso.

Iphutha alenzile ngesizini yakhe umkhonto ogwaqe ekhaya owenze iSundowns yaphuma ku-CAF Champions League, kodwa lokho akulehlisi izinga lakhe.

Umdlali wasesiswini uTeboho Mokoena

UMokoena ubeyintandokazi yeSundowns, egade wonke amabhola adlula phakathi nendawio.

Umdlali wasesiswini esayidini kwesokunxele uMonnapule Saleng

Lo mdlali wePirates ushaye amagoli angu-15 wasiza  kwangu-11 kusukela emkhankasweni we-PSL, i-MTN8 naku-Nedbank Cup.

Umdlali wasesiswini kwesokudla uThemba Zwane

Amava kaZwane ayabalwa kuyo yonke imiqhudelwano yeSundowns futhi uwuthwale kahle umthwalo wokuba ukaputeni wabo omusha.

Odlala phakathi nendawo phambili uPeter Shalulile

Ngesizini yesine egijima, lo mgadli wase-Namibia uthole amagoli amabili futhi waqinisekisa ndawo yakhe.

Odlala phakathi nendawo phambili uKhanyisa Mayo

Lena bekuyisizini engcono kakhulu kaMayo njengoba ehlukaniselane noSgalulile umklomelo we-PSL Golden Boot ngemuva kokushaya amagoli angu-12.

Akumangazi ukuthi iKaizer Chiefs neSundowns sebegaqele ukumusayinisa.

Odlala phakathi nendawo phambili uRanga Chivaviro

Lo mdlali ushaye amagoli ayishumi ku-PSL nayisikhombisa ku-Caf Confederation Cup ngesikhathi edlalela iMarumo Gallants.

Yingakho iKaizer, iPirates, i-Raja Casablanca ne-Zamalek kuthiwa bayamfuna.

Isithombe esingenhla: IMamelodi Sundowns iphakamisa isicoco se-PSL

Umthombo wesithombe: IMamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva