
Dylan Bettencourt
UBukayo Saka, uMarcus Rashford kanye noJadon Sancho bahlaselwa ngokobuhlanga ngabalandeli beNgilandi ngemuva kokuthi laba badlali abathathu begeje amaphenathi ngesikhathi behlulwa yi-Italy ngeSonto ebusuku kowamanqamu womqhudelwano we-Euro 2020.
URashford noSancho balethwe besuka ebhentshini yiMenenja uGareth Southgate ngqo ukuzoshaya amaphenathi kodwa bobabili abadlali behlulekile ukushaya amagoli.
Leli goli lephenathi elinqumayo lishaywe nguSaka oneminyaka eyi-19, owayengakaze ashaye iphenathi ebholeni elikhokhelayo kodwa ukusindiswa kukanozinti wase-Italy uGianluigi Donnarumma kwanika i-Italy ubuqhawe bayo besibili e-Europe.
Ngemuva komdlalo, uDonnarumma imenyezelwe njengomdlali ovelele walo mqhudelwano.
I-Football Association (FA) yaseNgilandi ithe bayakugxeka kakhulu ukuhlukunyezwa ngokobuhlanga.
“I-FA ishaqekile ngokucwasa ngokwebala oku-inthanethi obekuqondiswe kwabanye babadlali bethu baseNgilandi ezinkundleni zokuxhumana,” kusho i-FA esitatimendeni.
UNdunankulu waseNgilandi uBoris Johnson ubhale ku-Twitter wathi: “Leli qembu laseNgilandi lifanelwe ukunconywa njengamaqhawe, hhayi ukuhlukunyezwa ngokobuhlanga ezinkundleni zokuxhumana. Labo ababandakanyeka kulokhu kuhlukumeza okusabekayo kufanele babe namahloni.”
I-Facebook, nayo engumnikazi we-Instagram, ithi isuse abasebenzisi namazwi ayiziswana abhekiswe kubadlali baseNgilandi.
“Akekho umuntu okufanele abhekane nokuhlukunyezwa ngokobuhlanga noma kuphi, futhi asikufuni ku-Instagram,” kusho okhulumela i-Facebook etshela i-Sky Sports.
“Ayikho into ezolungisa le nselelo ngobusuku obubodwa kodwa sizibophezele ekugcineni umphakathi wethu uvikelekile ekuhlukunyezweni.”
Abalandeli abambalwa baseNgilandi bazwakalise ukungabathandi kwabo abadlali abaguqa besekela inhlangano ye-Black Lives Matter, kodwa lesi sigameko siwubufakazi obengeziwe bokuthi kudingeka ezinye izinyathelo ezinkundleni zokuxhumana ekulweni nokucwasa ebholeni.
Umthombo wesithombe: @Goal