Ukubhikisha kwentsha yase-Nigeria mayelana nesihluku esenziwa ngamaphoyisa kanye nokungabi nobulungiswa kwenze ukuthi kubenenqwaba yabalandeli abanamandla.
Izihlabane zebhola lezwe zikhuluma mayelana nalokhu okwenziwa nguhulumeni.
Abadlali banezwi elinamandla ngoba badlalela amaqembu wompetha emhlabeni.
Umgadli we-Manchester United uOdion Jude Ighalo ubhale umlayezo onomuzwa ku-Twitter ethi, udangele futhi inhliziyo yakhe yephukile ngokuthi uhulumeni ubulala izakhamuzi zakhe.
Uthe ubengasuye “umuntu othanda ukukhuluma ngezombusazwe” kodwa “ngijabhile ngalohulumeni. Sikhathele yini futhi lento ayisabekezeleleki.”
UJohn Ogu, udlala esiswini kwi-Al-Adalah e-Saudi Arabia kanye nase-Nigeria, ucele ukuthi badube iqembu lezwe.
Abanye abadlali abadumile abakhulumile yilaba:
1. USimeon “Simy” Nwankwo odlalela i-Crotone
2. UAsisat Oshoala – odlalela i-Barcelona
3. UVictor Osimhen – odlalela i-Napoli
4. UPaul Onuachu – odlalela i-Genk
5. UChidera Ejuke – odlalela i-CSKA Moscow
6. Wilfred Ndidi – odlalela i-Leicester City
Umbhikisho we-#EndSars uqale njengombhikisho omayelana nesihluku esenziwa ngamaphoyisa kodwa usuphenduke waba umbhikisho omkhulu kakhulu.
NgoLwesibili ebusuku amasosha avulele ngenhlamvu kubabhikishi eNyakatho ne-Lekki e-Lagos kanti lokhu sekulandele ngodlame kanye nokuqondana nezikhulu.
Ividiyo: @ighalojude