Lubhalwe nguMichael Madyira
IBafana Bafana izokwamukela i-Liberia emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations yakulo nyaka enkundleni yezemidlalo i-Orlando namhlanje.
Emakhempini adlule umqeqeshi uHugo Broos ubeshoda ngabadlali abamqoka ngenxa yokulimala, kodwa sekuyinto ehlukile kulokhu njengoba lo mqeqeshi wase-Belgium enabo bonke abadlali abadingayo – ngaphandle kukaNjabulo Blom ozinze eMelika ogulayo.
I-Scrolla.Africa sibheka abadlali beBafana abangaba nomthelela omkhulu emdlalweni wangoLwesihlanu.
URonwen Williams
Ukaputeni weBafana Bafana wenze okungajwayelekile ngesikhathi iMamelodi Sundowns ibhekene ne-Al Hilal kowe-CAF Champions League ngesonto eledlule.
Uzobe enethemba lokuthi lokho akubulali ukuzethemba kwakhe; kodwa ubelokhu engunozinti othembekile.
USiyanda Xulu
UXulu uyisekela likakaputeni weBafana kanti amakhono akhe okuhola azoba mqoka emuva.
Ngokubambisana benoWilliams banomthwalo omkhulu wokuletha uzinzo eqenjini.
UTeboho Mokoena
Lo mdlali (26) ujabulela isikhathi esihle kakhulu emsebenzini wakhe njengoba eqokwe njengephini likakaputeni weMamelodi Sundowns kungakapheli unyaka efikile kuleli qembu.
Uphinde abe ngomunye wabadlali abenze kahle kwi-Champions League kanti leyo fomu ingaba ukhiye uma eyifaka eqenjini lesizwe.
UThemba Zwane
Ungumdlali omdala nonamava kuleli qembu leBafana futhi uZwane washaya igoli waphinde wasiza kwamabili eqenjini lesizwe.
Kulindeleke lukhulu kuZwane (33) osefomini enhle kakhulu.
UPercy Tau
Lo mdlalo uza ngesikhathi uTau eseluleme ngokugcwele futhi usefomini enhle kakhulu.
Cishe emasontweni amabili edlule lo mgadli we-Al Ahly ubenza kahle ngesikhathi bebhekene neSundowns kowe-Caf Champions League futhi ubuye ngempelasonto edlule eshaye igoli wasiza kwamabili ngesikhathi bedlala ne-Cotonsport.
UCassius Mailula
Bekulindelwe ukuthi uMailula afakwe esikwatini sokuqala seBafana.
Noma engahlala ebhentshini, lo mdlali (21) usekhombisile ukuthi ungumuntu ongakwazi ukulimaza i-Liberia uma kubhekwa ukungaguquki kwakhe kwi-Premier Soccer League nakwi-Champions League.
Esithombeni esingenhla: Abadlali beMamelodi Sundowns uThemba Zwane, uMothobi Mvala kanye noTeboho Mokoena bezilolonga
Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns